IKWAZULU-Natal ihamba phambili ngesibalo seziguli esihaqwe upokisi wezinkawu, i-monkeypox esibizwa nge-mpox.
Izibalo zakamuva ezikhishwe uMnyango wezeMpilo zikhomba ukuthi sebengu-13 abantu abahaqwe yilesi sifo, kubo abayisikhombisa abaKwaZulu-Natal, abahlanu abaseGauteng oyedwa owaseWestern Cape. Abashonile babili owaseGauteng nowaKwaZulu-Natal.
Umnyango ubuye waqinisekisa ukuthi imishanguzo yokuqala yokwelapha lesi sifo iTecovirim ezigulini ezixineke ethengwe kwamanye amazwe isifikile eNingizimu Afrika.
Okhulumela uMnyango, uFoster Mohale, uthe uhlelo lokuthola ukwelashwa okwengeziwe okuhlanganisa nemigomo luyaqhubeka uma kwenzeka kuba nesidingo.
"Iziguli ezixineke ngokusezingeni eliphansi neliphakathi nendawo sizoqhubeka nokwelashwa kusetshenziswa imith iyakuleli eyelapha izifo ezivelayo uma uhaqwe ileli gciwane,"
Imishanguzo yokwelapha igciwane iTecovirim kuleli ayigunyaziwe, odokotela bafaka isicelo esikhungweni esigunyaza ukusetshenziswa kwemithi yokwelapha, iSouth African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA), okwaziwa ngo-section 21.
Umnyango unxusa bonke abantu, kungakhathalekile ubulili, ubudala, okusolakala ukuthi banezimpawu ze-mpox noma abake bathintana nabantu abaziwayo ukuthi baye esikhungweni sezempilo ukuze bahlolwe. Uthe noma ngubani angangenwa yilesi sifo esingagwemeka futhi eselaphekayo.