ITHATHWE yi-IFP i-ward 5 yaseMthonjaneni ebiphethwe yi-ANC okhethweni lokuchibiyela obelubhekwe ngabombu obelungoLwesithathu.
Imiphumela yale ward ibibhekwe ngabomvu njengoba ibingase ishintshe ukuphathwa kwalo mkhandlu. Ukunqoba kwe-IFP kusho ukuthi isizokwazi ukuphatha lo masipala ngokuzimela.
Le nhlangano ibikade ithembele esihlalweni se-EFF ekuphatheni umkhandlu njengoba ingazange iwunqobe ngamalengiso ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka owedlule.
I-ward ibikade iphethwe yikhansela le-ANC, uMnuz Michael Khuzwayo, owasula ngo-Okthoba. Ubumkhulu umbango phakathi kwe-IFP ne-ANC ngaphambi kokhetho.
Usihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe banqobe kunzima.
Uthe ibajabulisile kakhulu imiphumela njengoba isho ukuthi sebezokwazi ukubusa uMasipala waseMthonjaneni ngokuzimela.
I-IFP iphinde yakwazi ukugcina amanye ama-ward amabili ebikade ivele iwaphethe.
Okhethweni lokuchibiyela lwangoLwesithathu, i-IFP inqobe uWard 11 kuMasipala waseMsinga noWard 13 kuMasipala Abaqulusi.
UNtuli uthe imiphumela ikhombisa ukuthi abantu bayaqhubeka nokuthemba i-IFP.
“Abantu baseMsinga nabantu basebaQulusini bakhombise ukwethembeka kwabo kwii-IFP, bakushaya indiva ukuthunyelwa kongqongqoshe abebegcwele kulezi zindawo, bezokwenza izethembiso ezingeke zifezwe.
“Njenge-IFP siyazibophezela ekuhambeseni izidingo kubantu baseMthonjaneni, Msinga nasebaQulusini. Amakhansela amasha kufanele angakhohlwa ukuthi asebenzela umphakathi.”
Kweminye imiphumela yokhetho lokuchibiyela ebiKwaZulu-Natal, i-ANC ne-DA bakwazile ukunqoba ama-ward.
I-ANC iwine uWard 11 kuMasipala waKwaMaphumulo, kwathi iDA yona yanqoba uWard 10 kuMasipala waseMdoni. La ma-ward abevele ephethwe yiwo la maqembu.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe banelisekile ngemiphumela yokhetho.
“Siyayamukela imiphumela yokhetho. Sithanda ukubonga abavoti. Besibhekene nokhetho olunzima. EMthonjaneni sisebenze kahle, sihlulwe ngesibalo esincane samavoti. Sikwazile ukugcina i-ward yethu KwaMaphumulo. Sisebenze kahle kahulu ngoba sikhombise nokukhula eMsinga. Lokhu kukhombisa ukuthi ukusebenza kwethu ngokuzikhandla sekuqala ukuthela izithelo.”
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe kubajabulisile ukuthi bathole u-82% wamavoti eMdoni.
URodgers uthe le miphumela ikhombisa ukuthi abantu baKwaZulu-Natal, sebekulungele ukukhipha i-ANC ekuholeni lesi sifundazwe uma sekuvotwa ngo-2024.