I-IFP KwaZulu-Natal isihlabe ikhwelo elibhekise kuNdunankulu KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube- Ncube, ukuthi kudedelwe umbiko wophenyo ngohlelo lokuphakelwa kokudla ezikoleni, phambilini olubonakale lunezinkinga abafundi ezikoleni ezehlukene babhuqwa yindlala.
Uhlelo lokuphakelwa kwezikole esifundazweni luqubule umsindo ngesikhathi inkampani, iPacina Retail, okuthiwa yayinikezwe ithenda kaR2.1 billion ukuqhuba lolu hlelo, kukholakala ukuthi yehluleka ukwenza umsebenzi wayo okwaholela ekungafinyeleleni kokudla ezikoleni eziningi eKZN.
Lokhu kwaholela ekugxekweni koMnyango wezeMfundo ngabezinhlangano ezehlukene nezinhlaka zomphakathi ngoba kwakunemibuzo ngemigudu elandeliwe ukunikezelwa kwethenda kule nkampani, okuholele ekutheni umnyango unqamule inkontileka yawo nenkampani, uhlelo lwenziwe ngendlela yaphambilini, evumela izinkampani ezincane ezehlukene eziphakela izikole ezindaweni ezehlukene ukuthi zibe negunya lokuzithengela ukudla ezikuhambisa ezikoleni.
Yize kunjalo, abePacina Retail babesabise ngokusiphonsela inselelo isinqumo somnyango, beveza ukuthi basenenkontileka nawo.
UNkk Dube-Ncube waqinisekisa ukuthi uhulumeni wakhe usuqale uphenyo ngokunikezwa kwale thenda.
UNkk Madlopha-Mthethwa oyilungu le-IFP esiShayamthetho sesifundazwe omele leli qembu wezemfundo, uthe ukukhishwa kombiko ngalolu daba sekuthathe isikhathi eside njengoba sekuphele izinyanga ezine kungekho okushiwoyo ngawo.
“Kuze kube manje, undunankulu akasho lutho ngawo. Simphonsela inselelo ekutheni akhiphe umbiko wophenyo, ngoba siyazi kahle ukuthi inhloso yakhe wukugwema ukuwuveza ukuze kuvikeleke ozakwabo.
Siyi-IFP siyakholelwa ukuthi uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uNkk Mbali Frazer kumele aphendule ngalokhu,” kusho uNkk Madlopha-Mthethwa.
Uthe okunye bafuna undunankulu akuveze wubufakazi bokuthi inkontileka nenkampani eyayithole ithenda, iPacina Retail yanqanyulwa, kungabi bikho izimfihlo kodwa konke kwenekelwe umphakathi.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakezwakali ukuphawula kwehhovisi likandunankulu.