Inhlangano eyengamele ukhetho i-IEC ithi ithole izikhalo ezingu-579 kusuka kuqale ukhetho.
USihlalo we-IEC uMnuz Mosotho Moepya uthe noma ubani unelungelo lokufaka izikhalo kusuka kumalungu omphakathi, amaqembu ezepolitiki noma abangenele ngokuzimela.
Uthe izikhalo zithinta abazifake kungakaqedwa ukubala, ezabathi batshelwe ngabanye ukuthi bavotele othile kodwa esikhungweni abaliboni ivoti libaliwe, isikhalo sabathi amavoti abo awaveli esiteshini abavote kuso, ababuza ngokuthi zabiwa kanjani izihlalo ePhalamende nezikhalo zokuziphatha noma ukuqeqeshwa kwabasebenzi be-IEC.
Uveze ukuthi banewindi lokulungisa amaphutha nokwenza imiphumela evelayo ibonakale ihlehla iphinde iye phambili.
“Kunezikhawu ezingu-24 lapho ikhomishane iyalele ukuthi kuphinde kubalwe.” Kusho uMoepya.
Uthe zingu-20 eGauteng izindawo okubalwe kabusha kuzo, ezintathu eNorth West neyodwa eLimpopo.
Uthe ngeSonto bazobe bekulungele ukumemezela imiphumela yokhetho kusasa.
UMthethosisekelo uthi i-IEC inezinsuku eziyisikhombisa ukumemezela imiphumela ngemuva kokhetho kodwa u Moepya uthe kumele bamemezele ngesikhathi abaqeda ngaso.
Umholi woMkhonto Wesizwe uMnuz Jacob Zuma, uthe i-IEC ingajahi ukumemezela imiphumela yokhetho zingalaleliwe izikhalo zayo namanye amaqembu.
UZuma uthe abafuni ukucasulwa ngokuthi kujahwe ukubala le miphumela ekubeni kunezikhalazo.
"Kujahwephi? Ikhomishini imele thina ngakho kumele isilinde uma sinezikhalazo. Asidlali, sifuna kubhekisiswe zonke izikhalazo kungaphuthunywa kukhishwe imiphumela," kusho uZuma.
Phezu kokusho kanje kodwa iKhomishini ithe iyaqhubeka nokudedela imiphumela yokhetho ngeSonto ntambama.