BAYISIKHOMBISA abantu besifazane abasebancane abahaqwa yiHIV kuleli ngehora.
Lokhu kushiwo umnqondisi weUnited Nations Aids, iUNAids, uNkk Angeli Achereclear ngesikhathi kuvulwa ingqungquthela okuzodingidwa kuyo ngengculazi, eqale izolo ephela ngoLwesihlanu ese-ICC eThekwini.
Uthe phakathi kuka-2010 kuya ku-2021 izibalo zabahaqwa yileli gciwane kuleli zikhomba ukuthi behle ngo-50% abantu abasha abathelelekayo kodwa ukutheleleka kwabesifazane abancane abaneminyaka ephakathi kuka-15 kuya ku-24 kwenyuke ngo-30% kulesi sikhathi.
“Kuyakhathaza lokhu yize kubukeka sengathi iNingizimu Afrika ihamba kahle ezinhlelweni zokulwa naleli gciwane kodwa kuyadumaza ukutheleleka kwabesifazane abancane,” kusho uNkk Chereclear.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, obemukela izithunywa zale ngqunguthela egameni likaNdunankulu walesi sifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe izifunda ezine kwezingu-11 zikwazile ukuthi u-90% wabantu abahlala kuzo bazihlolele iHIV, u-90% abazihlolile baqale ukudla imishanguzo, kulo 90% iHIV ayisabonakali egazini labo.
“Inkinga esibhekene nayo ukuthi imiyalezo ebhekiswe entsheni kubonakala sengathi isiphelelwe yisikhathi. Sidinga ukuthi siqhamuke nemiyalezo emisha ezokwenza ukuthi abantu abasha bakhulume,“ kusho uNksz Simelane.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Joe Phaahla, uthe iNingizimu Afrika njengamanye amazwe omhlaba izibophezele ukuthi ngo-2030 iqede iHIV kodwa ngaphambi kwalokho kumele ngo-2025 u-95% wabantu bakuleli ube ususazi isimo sabo seHIV, u-95% wabo ube usudla imishanguzo kulo u95% igciwane egazini labo libe lingasabonakali uma behlolwa, i95-95-95.
“Njengamanje sisasilele emuva ngoba u-94% wabantu bakuleli abasaziyo isimo sabo seHIV kubo u-77% osuqale imishanguzo, u-96% wabo igciwane alisabonakali uma lihlolwa kodwa lokho akujabulisi ngoba u-90% ka-77%,” kusho uPhaahla.
Uthe ngasohlangothini lokuqiniseka ukuthi amadoda nezingane zidla imishanguzo yeHIV, nakhona iNingizimu Afrika isasilele emuva.
Uqhube wathi okunye ukusilela emuva kudalwe ukuthi ukusebenza kwezikhungo zezempilo zibe nokuphazamiseka ngesikhathi kuhlasele iCovid-19 kodwa umnyango usuluqalile uhlelo lokuzama ukuthi lubuyisele bonke abebesohlelweni lokudla imishanguzo abayeke ngalesi sikhathi ezikhungweni zezempilo.
“Lolu hlelo lusisize ekutheni sikwazi ukuthi sinyuke kancane njengoba sifuna ukufika ku-95-95-95 ngo-2025,” kusho uPhaahla.