BONISWA MOHALE
UKUNQAMUKA kukagesi kucekela phansi umnotho futhi akubasizi osomabhizinisi ukuba badale amathuba omsebenzi.
Lona ngumbono kaSolwazi Bonke Dumisa emuva kokuthi i-Eskom iqale uhlelo lokunqamula ugesi ngokwesigaba sesibili ngoLwesithathu.
Izolo isikhulu esiphezulu sase-Eskom uMnuz Andre de Ruyter siqinise abantu baseNingizimu Afrika idolo ngokuthi ugesi uzobuya ngoMsombuluko uma kungekho okufayo.
UDumisa uthe ukunqamula ugesi kwenza ukuthi amabhizinisi alahlekelwe yisikhathi sokukhiqiza impahla bese engangenelwa yimali abeyihlosile ngenyanga, lokhu kwenza angakwazi ukudala amathuba amasha omsebenzi.
Uthe njengamanje iNingizimu Afrika idinga ugesi owanele ukuze umnotho usimame.
“I-Eskom ifuna ukunyuselwa ugesi ngo-20.5%. Umbuzo uthi abantu bakuleli bazoyithathaphi imali yokukhokhela ugesi obizayo. Izwe belivaliwe ngo-2020 lase lilokhu livulwa kancane. Amabhizinisi abengasebenzi kahle, amanye abevaliwe, izigidi zabantu ziphelelwe wumsebenzi. Ingcosana esebenzayo incishiselwe amaholo, leyo ebe nenhlanhla inyuselwe ngemali encane engafikile ngisho ku-5%,” kusho uDumisa.
Uthe abantu bazothatha imali abebezoyisebenzisela okunye bakhokhele ugesi okusho ukuthi ngeke kwenzeke mehluko emnothweni.
Uveze ukuthi abanye bazogcina sebewuntshontsha ugesi ngenxa yokuthi abakwazi ukuwukhokhela okusho ukuthi i-Eskom izodinga ukusebenzisa amaphoyisa.
“Kuzothi uma kunqanyulwa ugesi wezinyokanyoka, abantu babhikishe bese bedcekela phansi ingqalasizinda. Lokhu akuwusizi nakancane umnotho ngoba kuba nomthelela omubi ezimbonini nakubatshalizimali kwakha isithombe esibi ngezwe. Okusho ukuthi abangasebenzi abayitholi imisebenzi ngoba azikho izimboni ezintsha ezivulwayo,” kusho uDumisa.
Ucele izikhulu zase-Eskom ukuba zilungise inkohlakalo engaphakathi ngaphambi kokunyusa imali kagesi kangaka.
“Kukhona abasebenzi base-Eskom abantshontsha izinsiza kusebenza, abacekela phansi nengqalasizinda. Abanye basebenzisana nosomabhizinisi abakhohlakele bathi kulethwe udizili nenye impahla ibe ingalethwanga bese i-Eskom ikhokhela into engekho. Ayilungise konke lokhu ngaphambi kokuthwesa abantu ijoka likagesi obizayo,” kusho uDumisa.