IQEMBU i-EFF lithi liphethe ubufakazi obuqanda ikhanda elizobuhambisa ethimbeni elizimele eliphenya udaba lwasepulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa.
Abe-EFF bathe bazoqeda ngoRamaphosa abakholwa wukuthi kufanele ngabe kade wesula esikhundleni.
I-EFF isho kanjena emuva kokuthi iPhalamende licele amaqembu ukuthi athumele izethulo zalo ethimbeni eliholwa yiJaji uSandile Ngcobo, elaliyinhloko yamajaji.
Umsindo usukela esigamekweni sokugqekezwa kwepulazi likaRamaphosa iPhala Phala, eBela Bela, eLimpopo, lapho kwebiwa khona imali engama-Dollar.
Owayeyinhloko yezobunhloli kuleli, uMnuz Arthur Fraser, wavulela uRamaphosa icala emaphoyiseni kumanje liyaphenywa kanti noMvikeli woMphakathi uyalusebenza udaba.
Ithimba lamajaji linikwe umsebenzi wokuphenya ukuthi kukhona yini okwenziwe wuRamaphosa okuphambene nomthetho okungaholela ekutheni akhishwe esikhundleni. URamaphosa unikwe izinsuku ezingu-10 ukwenza izethulo zakhe. I-EFF esitatimendeni sayo ithe izohambisa ubufakazi obehlukahlukene obuzoveza obala ukuthi uRamaphosa unecala. I-EFF ithe izohambisa i-video yezigebengu zingena epulazini, i-video kaRamaphosa ekhuluma engqungqutheleni ye-ANC eLimpopo ephawula ngalolu daba nenye ethula inkulumo kwiAnkole Cattle Breed Society of South Africa.
Bazohambisa nencwadi efungelwe kaFraser, i-video kaRamaphosa ephendula imibuzo ePhalamende. I-EFF ithi inethemba lokuthi ithimba eliphenyayo lizothola ubufakazi obuveza ukuthi uRamaphosa unecala. URamaphosa ukwenkulu ingcindezi njengoba amaqembu amaningi ethi kufanele asule.
Kwenzeka konke lokhu nje i-ANC ilungiselela ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngoDisemba lapho uRamaphosa ezobe efuna khona ihlandla lesibili.
Emibikweni yaleli sonto kuvele ukuthi uMnuz Arthur Fraser uveze obunye ubufakazi bokuthi umeluleki kaRamaphosa, uMnuz Benjani Chauke, wuyena owafika nemali engama-Dollar eyatholwa epulazini likamengameli. Kuthiwa wayeyilande kumengameli phesheya kwezilwandle.