I-DA isinikele enkantolo ngenhloso yokuzama ukuvimba udlame olungase luqubuke embhikishweni owukhukhulelangoqo ohlelwa i-EFF.
I-DA ifuna ukuthi inkantolo iphoqe i-EFF ukuba ilandele yonke imigomo yombhikisho onokuthula uma isibhikisha ngesonto elizayo.
Iphinde ifune nokuthi inkantolo iphoqe i-EFF ukuthi ihoxise zonke izinsongo ezenziwe ngamalungu ayo ebantwini abangeke babe yingxenye yombhikisho ngoMsombuluko.
Lokhu kudalulwe izolo ngumholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba. USteenhuisen uthe banqume ukuthatha izinyathelo zomthetho emva kokusabalala kwezinkulumo zamalungu e-EFF, esongela abantu abangezukuba yingxenye yombhikisho.
Ezinkundleni zokuxhumana kunezinkulumo zabantu abagqoke imifaniswano ye-EFF abasongela osomabhizinisi nezikole ukuba zivale ngosuku lombhikisho.
“Kunobufakazi obanele obukhombisa ukuthi amalungu e-EFF azimisele ngokwephula imithetho uma esebhekisha. Ngeke sisonge izandla sibukele amalungu e-EFF esongela osomabhizinisi nabantu bakuleli,” kubeka uSteenhuisen.
Uthe bafuna ukuthi i-EFF ikhokhe uma kungenzeka kube khona impahla ecekelwa phansi ngosuku lombhikisho. Udalule nokuthi sebebhalele uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ebabuza ukuthi ngabe izinhlaka zokuphepha zikulungele yini ukubhekana nodlame olungase luqubuke?
USteenhuisen uthe lapho kuphethe khona iDA ezokuphepha zikulungele ukubhekana nodlame olungase lubheduke.
It's time to stand up against EFF violence! The DA is approaching the Court to #StopTheEFF.
— Democratic Alliance (@Our_DA) March 14, 2023
DA lawyers have drafted a template affidavit that can be used by any business that has been intimidated by EFF representatives, to report such behaviour.
📝 Link: https://t.co/fez91xZcgK pic.twitter.com/lh2YfPL5Vw
Kanti ne-ActionSA iwugxekile umbhikisho ohlelwa yi-EFF.Umholi we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, uthe umbhikisho ohlelwa yi-EFF uzophazamisa umnotho wakuleli ovele ozintengelayo. UMashaba unxuse izinhlaka zokuphepha ukuba ziqinisekise ukuthi akucekelwa phansi impahla ngosuku lombhikisho.
NgoMsombuluko i-EFF ihlela ukuba nombhikisho kazwelonke lapho izobe ifuna ukuthi uRamaphosa ehle esikhundleni. Umbhikisho uzojoyinwa yizinhlangano ezehlukene okuyiSaftu, PAC neLand Party.
Okhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Tambo, uthe izinyathelo zomthetho ezithathwe yiDA ngeke ziwuvimbe umbhikisho wabo.
“Siyakugxeka lokhu okwenziwe yiDA. Le nto abayenzile ikhombisa ngokusobala ukuthi bazimisele ukwenza noma yini ukuvikela uRamaphosa. Iqiniso ukuthi ayikho into iDA engayenza ukuvimba umbhikisho. Abantu bacasukile yindaba kaRamaphosa futhi lokho kuzobonakala emigwaqweni ngoMashi 20.”
UTambo uthe akusilona iqiniso ukuthi umbhikisho uzokuba nodlame.
“Ngesikhathi bethatha isinqumo sokuba yingxenye yombhikisho wokuthi kwehle esikhundleni uMnuz (Jacob) Zuma, abazange basabele ukuthi kuzokuba nodlame. Iqiniso wukuthi wonke umuntu unelungelo lokubhikisha. Ziningi ezinye izinhlangano ezizokube zibhikisha ngezindlela ezahlukene ngosuku lombhikisho. Angazi ukuthi kungani iDA iphuma iqhubu ne-EFF.”
IMeya yeTheku uMnuz Mxoisi Kaunda ikhuluma emhlanganweni womkhandlu izolo ithe bazokwenza konke okusemandleni ukuqapha ukuthi umbhikisho wangoMsombuluko uba ngophephile.
UKaunda uthe yonke imisebenzi nezinsiza zikamasipala zizoqhubeka ngokujwayelekile.
Uthe iEFF ibaqiniskisile ukuthi umbhikisho angeke uphazamise lutho futhi uzoqhubeka ngokuthula.