UBUHOLI be-DA KwaZulu-Natal buthembisa ukwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi umndeni wesishoshovu saleli qembu esibulawe ngesihluku ngeledlule uyabuthola ubulungiswa.
UMnuz Lucky Dladla (45) kuthiwa washawa, wabulawa abantu ngaphandle kwakwakhe ngoLwesihlanu olwedlule.
Kuthiwa babemsola ngokuthi webe imoto.
USihlalo we-DA KwaZulu-Natal uMnuz Dean Macpherson uthe ukuhambela kwabo emndenini kamufi izolo kuhambisana nokuzibophezela kwabo ekutheni kwenzeke ubulungiswa ngecala.
“Sizibophezela kunina kaLucky ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukuthi icala sizolilandelela kuze kube sekugcineni,” kusho uMacpherson.
Uthe bafuna ukukubeka kucace ukuthi ngeke baphumule umndeni ungakakutholi ukusizakala okufanele ngecala.
“Ngeke siphumule amaphoyisa engakawenzi umsebenzi wawo wokuthi athole ababulali, ababophe,” kusho yena.
Ikhansela lendawo, uNkk Hlengiwe Shozi lithe kubaphathe kabi ukubulawa kukaDladla ngesihluku ngaphandle komuzi wakhe.
“Besifuna nokuthi sizwe emndenini ukuthi ngabe iyiphi indima esidlalwe amaphoyisa ekutheni athole ukuthi obani abenzi bobubi. Sithola ukuthi awakaze enze lutho. Sizoqinisekisa ukuthi umthetho uyasebenza, batholakale ababulale uDladla engenacala,” kusho uNkk Shozi.
Ilungu lomndeni, uNksz Sindisiwe Dladla ongumshana kamufi, elandisa ngesigameko, uthe kuthiwa umufi wayehleli nabangani bakhe egcekeni, bezixoxela beziphuzela iziphuzo ezibandayo ngoba lalikhipha umkhovu etsheni.
“Kuthiwa kwafika owesilisa wapaka itekisi yakhe egcekeni, wahamba wayobheka intombi yakhe. Kuthiwa wabuya imoto ingasekho. Kuthiwa wahamba wayolanda abanye abantu, owabuya wahlasela nabo umalume, bethi akakhiphe itekisi ngodli,” kusho uNksz Dladla.
Uthe kwagcina kuvela ukuthi imoto ithathwe omunye umngani kamufi owayekhona egcekeni, wahamba nayo, yatholakala kuyena ngalo usuku lwesigameko khona endaweni.
“Wafonelwa lo owayehambe nayo ebuzwa ukuthi iphi imoto, washo ukuthi uthathwe uye abamyeke umalume bangabe besaqhubeka nokumshaya, kodwa baqhubeka bona, baze bayomlahla kwa-C emtholampilo la umndeni wamfica khona eseshonile,” kusho uNksz Dladla.
Uveze ukuthi isigameko sibalimaze kakhulu bengumndeni ukuthi bashayelwe ilungu lomndeni lize libulawe ngento elingazange liyenze.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala kulandela isigameko esenzeke kwa-B eNanda.
“Kuthiwa umufi oneminyaka engu-45 nomunye wesilisa ayenaye bahlaselwa abantu abangaziwa,” kusho uConst Ngcobo.