BULENGELWA yizembe ubuholi be-IFP kuMasipala wesifunda uThukela njengoba elinye lamaqembu avota nale nhlangano kulo mkhandlu, iDA, lisabisa ngokubaketula.
I-IFP ivele ihleli ngesinqe esisodwa kulo mkhandlu emva kokuphela kwesivumelwano sokusebenzisana ebesiphakathi kwayo ne-EFF.
Manje isijikelwe nayiDA, esabisa ngokuyikhipha emandleni.Ingxabano idalwe wukukhishwa kwamaphampu amanzi esiphehlimanzi esiselokishini eZakheni.
Ngokusho kweDA, la maphampu abiza uR45 million akhishwa ngo-Ephreli ngaphandle kobufakazi bokuthi alimele. I-DA ithe la maphampu ayisithupha angakwazi ukuhlala iminyaka engu-10 kepha akhishwa emva kweminyaka emihlanu afakwa.
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, unikeze i-IFP izinsuku ezintathu ukuba ichaze ngokukhishwa kwala mapayipi. URodgers uthe bazoyikhipha i-IFP uma bengatholi impendulo eyanelisayo.
“Njengamanje i-IFP ithembele kithina ukuze ikwazi ukubusa uMasipala uThukela njengoba sebexabene ne-EFF. Sizonikeza ubuholi be-IFP umbandela wokuthi kubuyiselwe amaphampu akhishwayo. NjengeDA sizoqhubeka nokulwela abantu basoThukela.”
URodgers uthe kuyasolisa ukukhishwa kwala maphampu njengoba ethe kunobufakazi bokuthi awazange alimale ngesikhathi kunezikhukhula ezahlasela KwaZulu-Natal ngo-Ephreli.
“Inkampani okwathengwa kuyona la maphampu yawabheka isebenzisa ezobuchwepheshe, yathola ukuthi awalimele. UMasipala wasoThukela wavumela enye inkampani eyayihlanza isiphehlimanzi ukuthi ihlole la maphampu, yathi alimele. Kodwa yangawayisa enkampanini ayethengwe kuyo ukuze iqinisekise ngempela ukuthi alimele bese inikeza umasipala amanye njengoba afa engakaphelelwa yisikhathi.”
URodgers uthe ukukhishwa kwala mapayipi kuphazamisa ukuhlinzekwa ngamanzi elokishini iZakheni.
“Ukungabi bikho kwala maphampu kusho ukuthi amanzi atholakalayo angu-25% kuphela. Lokhu kuholela ekutheni abantu abaningi nosomabhizinisi bangawatholi amanzi. Lesi simo siphinde siholele ekutheni amapayipi amadala aqhume uma amanzi esebuya ngamandla.”
Kuthintwa uSihlalo we-IFP eKZN, uMnuz Thami Ntuli, ukhale ngokuthi usemhlanganweni.
Wethembise ukubuyela entathelini uma eseqede umhlangano kepha kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engakabuyi.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela umasipala, uMnuz Jabulani Mkhonza, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa futhi engazange awuphendule umbuzo awuthunyelwe.