I-COSATU KwaZulu-Natal ihlele umbhikisho lapho izobe ikhala ngezimo abashayeli bamaloli abasebenza ngaphansi kwazi.
Lo mbhikisho uzoqhutshwa emagcekeni aseSagekal Logistics ngoMsombuluko okuyinkampani yeloli eladlula nemiphefumulo yabantu abangu 23 ePinetown.
UNobhala weCosatu esifundazweni uMnuz Zet Luzipho ( osesithombeni) uthe bazogxila kule nkampani ngoba bebone ukuthi abasebenzi bayo basebenza ngaphansi kwesimo esinzima.
“NjengeCosatu sinenselelo yokuvikela izifiso zabasebenzi. Akulungile ukuthi umqashi anikeze umshayeli iloli elingakulungele ukungena emgwaqweni. Uma sekuqhamuka ingozi umqashi ugxuma kuqala agxeke umshayeli ingakaveli imphumela yecala enkantolo,” usho kanje.
ULuzipho usho lokhu eqondise esitatimendeni esikhishwe yile nkampani yamaloli isola uMnuz Sanele May (23) ngokushayela ngezincwadi ezingekho emthethweni. ICosatu ikholelwa ukuthi ukunyuka kwezingozi emgwaqweni kuhlangene nezimo ezimbi abasebenzi abasebenzela ngaphansi kwazo.
“Saqala ukukusho lokhu kusukela ngo-2003, kuyaphoxa ukubona ukuthi kudingeke ukuthi kwenzeke lenhlekelele ngaphambi kokuthi abantu bakubone lokho,” kusho uLuzipho.
Uqhube wathi nabasebenzi bezinkampani nabo kumele bagxekwe.