USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthikube yisinyathelo esihleukuthi umcimbi wezindondozomculo wesintu ubuyeleesifundazweni futhibazoweseka.
UDuma ubephawula emuva kwesimemezelo sabeSatma sokuthi asezobuya azoba eKZN. Umcimbi ubusujwayele ukusabalala kwezinye izifundazwe kanti udabuka eKZN.
UDuma uthe isifundazwe siyathanda ukudlisa ngemcimbi emikhulu eyenza abantu bathi mbo, khona.
“Isifundazwe sethu sinozinzo siheha inqwaba yezivakashi. Siyajabula ngokubuya kwamaSatma ngoba awumcimbi omkhulu. Sizosebenzisana nabo neminye imicimbi emikhulu efana nengoma,’’ kusho uDuma.
Uthe akuwona amaSatma kuphela kodwa neminye imcimbi bayafuna ukusondela kuyona ngoba kuhulumeni ukhona umkhakha obhekelele ezemicimbi.
Okhulumela amaSatma uKeletso Dlamini, uthe yithuba lokuthi umcimbi ubuyele ezimpandeni. Uthe nakuba ezinye izifundazwe kade zibaphethe kahle kakhulu kodwa babuyela ekhaya. Uthe banazo izingxoxo nohulumeni wesifundazwe lapho ababonisana ngendlela yokubambisana.
UDlamini uthe baqhakambisa indaba yobuciko, umnotho namasiko uma benza lo mcimbi omkhulu. Uthe bazoqhubeka bahloniphe izingqalabutho namaqhawe.
AmaSatma asungulwe nguDumisani Goba ngo-2006, kwase kuba nomcimbi wokuqala ngalowo nyaka Thekwini. Lokhu kusho ukuthi kuyophela iminyaka engu-16 asungulwa futhi eklomelisa abaculi bomculo wesintu. Umcimbi walo nyaka ubuseMpumalanga, futhi ube yimpumelelo kwaklonyeliswa amaciko amanye abeqala ukungena.
AbamaSatma bafake kwisizindalwazi sabo ukuthi umcimbi ubuyela eKwaZuluNatal ngonyaka ozayo, bathi balindele ukuthi ube yindumezulu.