KULINDELEKE ukuthi likhishwe ekupheleni kwenyanga esikhundleni salo ikhansela le-ANC kuwadi 101 eThekwini, uMnuz Mzimuni Ngiba, elihola lisejele.
UNgiba uboshwe ngoMeyi wonyaka odlule wathweswa icala lokufa kukaMnuz Siyabonga Mkhize owayengenele ubukhansela.
UMkhize wadutshulwa wabulawa ngesikhathi ekhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021 ehleli emotweni nomunye umlisa.
Ukuboshwa kukaNgiba kudale ukuthi iwadi yakhe isale dengwane ingenalo ikhansela ngoba ulokhu ehleli ejele. Wanqatshelwa ibheyili waqhubeka wabhadla esitokisini kanti kulindeleke ukuthi kuqale maduze ukuqulwa kwecala .
Kuke kwasuka umsindo ngokuthi uNgiba usaqhubeka nokuhola ebe ehleli ejele.
I-ANC esifundeni seTheku ithi iyaluxoxa udaba lukaNgiba futhi bavumelane ngokuthi asuswe esikhundeni. Bathe banethemba lokuthi umhlangano womkhandlu ozohlala ngoMeyi 30 uzokwenza isiphakamiso sokuthi uNgiba akhishwe esikhundleni.
I-ANC esitatimendeni ithi bekufanele kulandelwe imithetho ngoba kunemidanti nemicilikisho ukususwa kwekhansela esikhundeni.
“Akunabo ubulungiswa ukuthi abakhokhi bentela baholele iziboshwa ezisalinde ukuqulwa kwamacala azo ezibuye zivele enkantolo emuva konyaka ngenxa yophenyo oluthatha isikhathi,’’ kusho isitatimende.
I-ANC ithe ibifisa ukuthi abezomthetho bafunde isifundo sokuthi kusheshe uphenyo uma kuboshwe umuntu, kusheshe kucace ukuthi kwenzekani kungadonsi isikhathi eside.
Amaqembu aphikisayo emkhandlwini akhale kakhulu ekhomba ngenjumbane uSomlomo, uMnuz Thabani Nyawose, emsola ngokuthi uvumele ukuhola kwekhansela.
UNyawose wathi uwenzile umsebenzi wakhe ebhalela ikhansela waveza nokuthi akulula ukunqamula umholo wekhansela.