OKHULUMELA i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uveze ukuthi ngeke babambisane neqembu eliholwa owayengumengameli wezwe ne-ANC uMnuz Jacob Zuma, UMkhonto weSizwe.
UMndebele uthe nakuba bevule izandla kuwo wonke amaqembu athole izihlalo kodwa ngeke bakwazi ukubambisana neMK.
IMK iyona ethole amavoti amaningi KwaZulu-Natal kodwa kubukeka ingeke ithole izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela.
UMndebele uthe isithiyo esibavimba ukuthi basebenzisane neMK ukuthi abaholi beMK abawuhloniphi uMthethosisekelo.
"Kungafanele benze izinto ngenye indlela abeMK uma befuna ukusebenzisana nathi."
Ukusho lokho ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esikhungweni sokubala amavoti esiseThekwini.
UMndebele uthe ukuhlulwa kwabo KwaZulu-Natal akusho ukuthi abantu bakulesifundazwe abasayithandi i-ANC.
Njengoba sekubalwe u-99,66% wamavoti KwaZulu-Natal, i-ANC ilele isithathu ngamavoti awu-595 349.
Phezulu kuqhwakele iMK, enamavoti awu-1 587 856, kulandele i-IFP ngamavoti awu-631 036.
UMndebele uthe abantu baKwaZulu-Natal bakhethe ukujezisa i-ANC.
"Abantu basayithanda i-ANC kodwa bayicasukele. Bacasulwa ukungagcinwa kwezethembiso. Abantu bacasulwa ukungahanjiswa kwezidingo. Siye okhethweni abantu bakoMlaza, lapho i-ANC ivotelwa khona kakhulu, bengenawo amanzi."