I-ANC isiphinde yanxenxa i-SACP ukuthi ingangeneli ukhetho ngokuzimela ngoba lokhu kungaba yiphutha.
Le nhlangano ikusho lokhu emva kokuba iSACP yasabisa ngokuthi izozimela okhethweni lwangonyaka ozayo uma kungukuthi izinto ziqhubeka kanje kumadlelandawonye akukho ukuhloniphana.
Amakhomanisi abeka imibandela afuna ukuthi i-ANC namadlelandawonye bayilandele uma le nhlangano ifuna kuqhubeke ukusebenzisana njengoba kubhekwe okhethweni.
UNksz Febe Potgieter, ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC elijutshwe ukuthi lilungise isimo samadlelandawonye, uthe kungaba yiphutha uma Amakhomanisi ephuma inxiwa lawo.
Uthe baneminyaka evile ku-90, besebenzisana ngakho kungafana nokuthi kukhethiswa amalungu enhlangano ukuthi akhethe ‘umama noma ubaba’ ekhaya ngoba sebewumndeni.
“Izinhlelo zokuphucula izwe zingafekela uma i-SACP ingangenela ukhetho ngokuzimela. Sikholwa ngukuthi siyadingana ngakho ngeke sikhethise amalungu e-ANC ukuthi avotele bani ngoba kungaba uyawahlukanisa ngoba anobulungu obubili.”
Uthe njengoba bekuhlangene isigungu esiphezulu se-ANC ngempelasonto, sivumelane ngokuthi kudingeka kuvuselelwe ubudlelwane phakathi kwe-Cosatu, ANC kanjalo namaKhomanisi.
UMnuz Zuko Glodlimpi, ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC, uthe noma benza umqulu wokukhankasela ukhetho cishe ingxenye yawo bawenza namadlelandawonye.
Uthe bubalulekile ubudlelwano kulezi zinhlaka wathi kudingeka ukuthi bavule inkundla yokuthi bahlangane njalo, baxoxe.
“Asivumelani neSACP ukuthi ingenele ukhetho ngokuzimela. Asiboni lokhu abakushoyo njengokuthi iyasisabisa kodwa wukugxeka okwakhayo, esikwamukelayo,” kusho uGodlimpi.
I-ANC ithe izoba yingxenye yemigubho yosuku lwabasebenzi ngenyanga ezayo.
Kwenzeka lokhu nje izolo uMengameli we-ANC nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ubeke izimbali elibeni likamengameli owadonsa isikhathi eside kwi-ANC, uMnuz Oliver Reginald Tambo eKurhuleni, kukhunjulwa iminyaka engu-30 ashona.
UTambo wahola le nhlangano kusuka ngo-1967 kwaze kwaba ngu-1991, kanti washona eneminyaka engu-75, emva kokushaywa isifo sohlangothi.
URamaphosa uncome iqhaza likaTambo wathi nangesikhathi esinzima wayibumba i-ANC.
“Wayibumba i-ANC. Wayazi noma isimo sinzima ukuthi kumele ahlale eyibumbe njalo inhlangano. Nginxusa amalungu ukuthi aqhubeke afunde kuTambo. Sathatha izwe elalihlakazekile linezinkinga kodwa kancane kancane isimo siyasilungisa. Abantu basabhuqwa yindlala, abasebenzi futhi kusekhona ukungalingani.”