UNOBHALA-JIKELELE we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, useqinisekise ukuthi izohlala ingqungquthela yokukhetha ubuholi yophiko lwabesifazane njengoba bekuhleliwe.
UMbalula uthe kanjalo nengqungquthela yophiko lwentsha lwale nhlangano izohlala kulo nyaka.
Ukusho lokhu nje kulindeleke ukuthi ingqungquthela yophiko lwabesifazane ihlale ngenyanga ezayo.
“IPhini lesibili likanobhala jikelele we-ANC uNksz Maropene Ramokgopa, umxhumanisi wophiko lwabesifazane, umatasa nezinhlelo zengqungquthela yabesifazane. Ingqungquthela izohlala ngesikhathi ehlelelwe ngaso,” kusho uMbalula ekhuluma nabezindaba emva kokuhambela eNorth West.
UNksz Bathabile Dlamini, obengumholi walolu phiko ubheke ukukhuza ibuya njengoba kulindeleke ukuthi abange noNksz Sisi Tolashe, kwesokuhola lolu phiko.
Le ngqungquthela kulindeleke ukuthi ihlale kusuka ngoJuni 17 kuya kuJuni 19, eNasrec Expo Centre, eGoli.
Kulindeleke ukuthi ihanjelwe ngabavela emagatsheni angu-2 900 ezweni lonke.
Uphiko lwabesifazane olwaluholwa nguNksz Dlamini lwahlakazwa ngo-Ephreli nyakenye kwase kufakwa ubuholi besikhashana ukuze buhlelele ingqungquthela ezohlala ngenyanga ezayo.
Khonamanjalo iPhini likaMengameli we-ANC nezwe uMnuz Paul Mashatile, utshele osomabhizinisi eNorth West izolo ekuseni, ukuthi iyasebenza imizamo yekomiti elasungulelwa ukuqapha indaba yokucekelwa phansi kwengqalasizinda yakwa-Eskom.
Uthe selokhu labunjwa sekuboshwe abevile ku-50.
“Selokhu labunjwa leli komiti sekuboshwe abangu-50. Ukucekelwa phansi kwale ngqalasizinda bekubeka impilo yabantu engcupheni, kwenza kuthathe isikhathi eside ugesi ungabuyi.”
Uthe bekunesidingo sokuthi le ngqalasizinda ihlale iqashwe ngelokhozi ukuze kuqedwe ngendaba yokucishwa kukagesi kuleli.
Uqhube wathi izinhlelo zikahulumeni ukuqinisekisa ukuthi i-Eskom isebenza ngendlela ukuze kube nogesi owenele, ziyaqhubeka
“Siyaqhubeka nezinhlelo zokuthi sandise ugesi ngezinye izinhlelo okubalwa ngokwegesi, i-solar nezinye ukuze sehlise umthwalo obhekene ne-Eskom,” kusho uMnuz Mashatile.