I-ANC isola i-IFP ngokuzama ukuphazamisa umcimbi ebiwenzele izaguga eVryheid, izolo.
I-ANC ithe izaguga zicishe zabuyela emumva zilambatha emva kokuthi amalungu e-ANC evale amasango eSasko, lapho bekwenzelwe khona umcimbi.
Lo mcimbi ubuwenziwe ngabe-ANC abangamalungu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Isolezwe libone i-video yalesi sigameko, lapho kubonakala amaphoyisa ezama ukuhlukanisa amalungu e-ANC nawe-IFP abefuna ukubambana ngezandla.
Kule-video amalungu alezi zinhlangano achaphana ngenhlamba, aze adunuselane.
USotswebhu omkhulu esiShayamthetho, uMnuz James Nxumalo, uthe bafike endaweni yomcimbi amalungu e-IFP evimbe endaweni yokungena.
UNxumalo uthe kuhlule ngisho sekubizwe abakwasidlodlo, amalungu e-IFP aqhubeka nokuphazamisa umcimbi wabo.
UNxumalo uthe isenzo samalungu e-IFP siphambene nemithetho yokhetho.
“Siyayigxeka indlela amalungu e-IFP aziphathe ngayo. Siyanxusa amalungu e-IFP ukuba abekezelele ezinye izinhlangano. Zonke izinhlangano zinelungelo lokukhankasa ngokukhululeka. Le nto eyenziwe amalungu e-IFP ayigqugquzeli ukuthula. Siyanxusa ukuthi ngokuzayo kungabi bikho abantu abazophazamisa uma kuneqembu elinomcimbi.”
UNxumalo uthe okubajabulisile ukuthi umcimbi wabo ugcine uqhubekile.
“Ogogo nomkhulu bajabulile kakhulu. Sikwazile ukuthi sibaphe izipho, ukuze bahambe baye emakhaya beyojabula.”
Ethintwa uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe uzocela umbiko kubaholi besifunda ngokuthiwa kwenzekile.