UMGCINIMAFA we-ANC, uMnuz Paul Mashatile, uchitha imibiko yokuthi inhlangano ihlela ukukhokhisa abezindaba abazobe besebenza engqungqutheleni ngenyanga ezayo.
UMshatile uthe bayibonile imibiko yemithombo yezindaba ngezinhlelo zale nhlangano zokuthi abezindaba bakhokhiswe imali embuthanweni. Wathi kabanazo izinhloso zokuthi bakhokhiswe imali abazosebenza.
“Kasikho ezinhlelweni zokuthi sikhokhise abezindaba, sizokwenza izinto njengoba sihlale senza emihleni. Sizoqhubeka nokuxoxa nabezindaba njengoba kuyiwa engqungqutheleni,” kuchaza uMashatile.
Uqhube wathi bafuna ukulungisa izinkinga ezingaqhamuka kungakayiwa embuthanweni we-ANC ongoDisemba 16- 20, eNasrec, eGoli.
“Abezindaba babaluleke kakhulu ekutheni bahlinzekele umhlaba ngokwenzekayo engqungqutheleni.”
UMashatile usho lokhu nje, kunezinhlaka ezehlukene okubalwa namaqembu ezepolitiki, ezigxeke inhlangano ngokuthi ihlela ukukhokhisa abezindaba abazoba yingxenye yengqungquthela.
Abanye abahlaziyi bezombusazwe bathe akuyona imfihlo ukuthi inhlangano ibhekene nezinkinga zemali ngoba phambilini ike yabhikishelwa yizikhawu abasebenzi bayo ngoba bengakhokhelwa amaholo. Kwase kuphele izinyanga abasebenzela inhlangano bengakhokhelwa ngemva kokuthi inhlangano ikhalaze ngenkinga yemali.
Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, ngemuva kokuhambela lapho kuzoba nengqungquthela eNasrec, eGoli, udalule ukuthi uma abezindaba befuna indawo ethe xaxa, bazobheka ukuthi bangasizana kanjani bahlangabezane ngasezimalini.
Inhlangano ihlale ihlinzeka abezindaba ngokudla, izindawo zokusebenzela ne-wifi yamahhala uma kunombuthano. Abezindaba basuke benendawo ababekwa kuyona lapho besebenzela khona. Kuba nezindawo lapho bedlela khona izindleko ezikhokhelwa yinhlangano.
Engqungqutheleni kubhekwe ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ancintisane nowayengungqongqoshe wezempilo, uDkt Zweli Mkhize kwesikamengameli.
Izolo i-ANC KwaZulu-Natal, ivule izimvilophi ebezivela emagatsheni ezinamagama abaholi abafuna bangene ezikhundleni eziphezulu. Abaholi esifundazweni baveza ukuthi uMkhize, nguyena ohamba phambili ngokuphakanyiswa amagatsha.