I-ANC KwaZulu Natal, iphumele obala ngeqhaza likaMnuz Mike Mabuyakhulu, ojutshwe yinhlangano kuzwelonke ukuthi azolekelela isifundazwe njengoba kuyiwa okhethweni ngonyaka ozayo.
Esithangamini nabezindaba namhlanje emahhovisi e-ANC akuSeme House, uNobhala wenhlangano esifundazweni uMnuz Bheki Mtolo, ucacisile ngeqhaza likaMabuyakhulu, wadalula namanye amagama abaholi be nhlangano abajutshwe KwaZulu Natal.
UMtolo uthe uMabuyakhulu uzosebenza eKing Cetshwayo, Zululand, Mkhanyakude, eMsinga nakwezinye izindawo.
“Sifuna aqinise ubudlelwano esinabo namakhosi kanjalo nabaholi bezenkolo. Sithokoza kakhulu ngoMabuyakhulu ngoba akekho kuhulumeni, ngeke umuzwe esethi kukhona umsebenzi kahulumeni okumele aphuthume kuwona,”kuchaza uMtolo.
Uthe bakweseka kakhulu ukulethwa kwabaholi eKZN. Uveze ukuthi ngaphandle kukaMabuyakhulu, ihhovisi elikhulu lenhlangano eLuthuli House, lithumele uDkt Zweli Mkhize, Dkt Nkosazana Dlamini-Zuma, Dkt Blade Nzimande, uMnuz Senzo Mchunu noMnuz Bheki Cele.
“Sifuna abezenkolo bazuze umhlaba kulo hulumeni we-ANC ngoba balwa ukuqeda ubandlululo. Laba baholi bazolekelela kakhulu ekwakheni ubudlelwano obuhle phakathi kwenhlangano nabezenkolo kanjalo namakhosi,” kuphetha uMtolo.