ALULELWE isikhathi amagatsha e-ANC sokuqoka azobajuba ukumela le nhlangano ezishayamthetho zezifundazwe kanjalo nasePhalamende.
Lokhu kwenzeka emva kokuba ebalelwa ku-4 000 amagatsha asahlalile ukukhetha labo azobajuba okusho ukuthi u-46% kuphela osahlalile.
UMnuz Chef Matsila, unobhala wekomiti lezokhetho kule nhlangano, uthe isizathu sokuthi kuhambe kancane ukuhlala kwemihlangano yamagatsha, yingoba amanye awekho esimeni esikahle ngokwezibalo.
Uthe sebenike amagatsha kuze kube u-Okthoba 15, 2023 ukuthi ahlalise le mihlangano.
“Lokhu kusho ukuthi amagatsha asesalelwe amasonto ambalwa ukuthi aphothule lolu hlelo. Sifake isiphakamiso esigungwini esiphezulu se-ANC ukuthi kuhlehliswe isikhathi ukuze kuthi kushaya uJanuwari 2, wonyaka ozayo, sibe sesinabantu abazojutshwa kanjalo nabazokhankasa ngaphambi kokhetho lukazwelonke.”
Uthe ziningi izinto okusamele zenzeke ngakho kungaba yinkinga ukuphinde kuhlehliswe umnqamulajuqu esiwubekile wamaphakathi nenyanga ezayo.
Le nhlangano yabeka imigomo eqinile kulabo abazojutshwa njengokuthi kumele babe no-matric kanjalo kungabi ngabantu asebeke balahlwa ngamacala.
“Abantu abake balahlwa ngamacala ngeke bakwazi ukuba yingxenye yokukhethwa. Nalabo abaphucwe ubulungu eminyakeni engu-10 edlule ngeke babe yingxenye, kanjalo nalabo abasabhekene nokuqondiswa ubugwegwe kabazoba yingxenye yohlelo.”
Uthe uma seluphothuliwe uhlelo lwamagatsha kuzobe sekuphonswa imibuzo labo abazojutshwa, kubhekwe nempilo abayiphilayo.
“Labo abazojutshelwa ePhalamende bazophonswa imibuzo yikomiti lezokhetho. Abajutshelwa ezifundazweni bona bazovivinywa ngemibuzo yikomiti lakuleso sifundazwe. Abazophakanyiselwa kwesikandunankulu kudingeka kube ngamagama abaholi abathathu, ababili babo kube ngabesifazane bese kuthi elilodwa kube ngowesilisa.”
Uthe amagama abazoba ngondunankulu, azophakanyiswa yisigungu sesifundazwe.
“Ondunankulu bazophonswa imibuzo kukhona nosihlalo wekomiti lezokhetho kwi-ANC, uMnuz Kgalema Motlanthe. Ngokubaphonsa imibuzo sifuna ukubona ukuthi laba abazojutshwa bazokwazi yini ukwenza umsebenzi.”
Uthe njengoba bengeke besakwazi ukuhlehlisa umnqamulajuqu yingoba bafuna ukubheka nezinhlaka ezisiza ukubheka abantu asebeke balahlwa ngamacala phambilini.