I-ANC KwaZulu-Natal kuthiwa ifisa ukuthi kwakhiwe uhlaka olulodwa olufaka zonke izinhlangothi eThekwini ngenhloso yokwakha ubumbano njengoba kulungiselelwa ingqungquthela ebhekwe ngabomvu okulindeleke ukuthi ihlale ngaphambi kokuthi kuphele lo nyaka.
Ilungu lesigungu esihola i-ANC esifundazweni kodwa elingagunyaziwe ukuthi likhulume nabezindaba lithe isizathu sokuthi kwakhiwe uhlaka olufaka zonke izinhlangothi, ukwakha ubumbano esifundeni esikhulu se-ANC eThekwini.
“Kuyisifiso se-ANC ukuthi kuqiniswe ubumbano enhlanganweni, yingakho nasengqungqutheleni yaseNasrec sabona kuqhamuka uhlaka olufaka zonke izinhlangothi kanti nalokho siphinde sakubona nasengqungqutheleni yesifundazwe saKwaZulu-Natal,” kusho leli lungu.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Ricardo Mthembu, uthe njengobuholi besifundazwe abakwazi ukulawula ukuthi ukukhethwa kobuholi ezinhlakeni eziphansi kuhamba kanjani.
“Kodwa kuyinto esiyifisayo ukubona izinhlaka ikakhulukazi amagatsha, ebeka phambili ubumbano embuthweni, njengobuholi besifundazwe sikhuthaza izinhlaka zethu ukuba zisebenzise zonke izindlela ukubumba i-ANC,” kusho uMthembu.
Uthe balindele ukuthi ingqungquthela yaseThekwini ihlale ngaphambi kokuthi kuphele lo nyaka.
“Imihlangano yamagatsha kulindeleke ukuba iqale ngenyanga ezayo njengoba kulungiselelwa ingqungquthela,” kusho uMthembu.
Kuvela izindaba zokwakha uhlangothi olufaka zonke izinhlangothi nje, umkhankaso womshoshaphansi usuqalile walabo abagaqele ukuhola iTheku.
Labo abafuna izikhundla sebeqalile ukuhambela amagatsha beyonxenxa ivoti.
Zimbili izinhlangothi ezikhona eThekwini kukhona olukaNkk Zandile Gumede nobeyiMeya yoMkhandlu weTheku ofuna ukubuya njengoSihlalo kuthi uNobhala ohlangothini lwakhe nguMnuz Musa Nciki. Olunye uhlangothi olukhona ngolukaMnuz Thabani Nyawose, kuthi uNobhala wabo kube nguMnuz Bheki Ntuli.
UNtuli ubenguNobhala ngesikhathi uNkk Gumede enguSihlalo.
Okhulumela uhlangothi lukaNkk Gumede, uMnuz Mzomuhle Dube, uthe kuyinto efiswa yiwo wonke amalungu e-ANC ukuthi kwakhiwe ubumbano.
Kodwa uDube ubuye wathi ubuholi besifundazwe abunawo amandla okulawula ukuthi ngubani okumele ahole isifunda.
“Umsebenzi wobuholi besifundazwe, ukulawula izinhlelo, into abangayenza ukuthi baluleke bathi, ‘maqabane anicabangi ukuthi uma kunje mhlawumbe singenza kangcono uma singenza ngalendlela,’ abakwazi ukuthi yekani manje ukuya emagatsheni ngoba njengamanje kunesigungu sesikhashana esihola iTheku, futhi iningi labantu abakuleso sigungu ilabo abagaqele izikhundla, ukubakhona kwabo kulesi sigungu kubanika ilungelo lokuthi bajutshwe emagatsheni, kungaba nzima ukuthi ufaka umuntu esigungwini sesikhashana bese uthi futhi angayi emagatsheni, into engenziwa ubuholi besifundazwe ukuthi buphakamise ukuthi akuxoxwe indaba yobumbano,” kusho uDube.
UDube uthe ngeke baphikisane nesiphakamiso sokuthi kube khona uhlaka lobumbano.
“Ingakho uthola ukuthi sesivumelana ngokuthi uNciki akazoba nguNobhala ohlangothini lwethu, lokhu sikwenze ngoba sifuna ukwakha ubumbano, ngoba uma umuntu uthi akazobanguNobhala kusho ukuthi kumele umethembe,” kusho uDube. Nohlangothi lukaNyawose luthe alunayo inkinga yokuthi kwakhiwe uhlaka olufaka zonke izinhlangothi ngenhloso yokwakha ubumbano.