UMKHULUMELI we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, ukhwele wadilika ePhinini likaNobhala Jikelele lophiko lwabesifazane kule nhlangano, uNksz Dina Pule.
UMndebele uzwakale kwiSAFM ethi uNksz Pule akazange athuthukise abesifazane ngesikhathi ewungqongqoshe kodwa wayehla enyuka nesoka lakhe elinika imali yomnyango.
Uthe ngenxa yalesi sizathu, uNksz Pule akanalo ilungelo lokuphawula ngesigameko sangoMgqibelo esigxekwa nxazonke.
Kulesi sigameko kubonakale uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, ephakamisa indebe yamaBhokobhoko nomdlali wawo, u-Eben Etzebeth, yize bekumenyezelwe ukuthi izoqutshulwa wuNdunankulu, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
Uveze ukuthi uNksz Pule wayenethuba lokuthuthukisa abesifazane kodwa yena wakhetha ukuthuthukisa indoda.
UMndebele uphuma iqhuzu noNksz Pule emuva kokuthi i-ANC Womens League (ANCWL) izwakalise ukungenami kwayo ngokuziphatha kukaDuma.
Imsole ngokubukela phansi ubuholi besifazane nokungahloniphi undunankulu.
Ngesikhathi ethintwa yiSolezwe, uthe uzothumela isitatimende ngalolu daba.
Kulesi sitatimende uthe i-ANC esifundazweni ayihambisani nokuthi ubuholi be-ANCWL buhlasele usihlalo (Duma) ngaphandle kokuthola imininingwane efanele.
Ube esethumela umyalezo athe ubhalwe wuNkk Dube-Ncube ewuqondise kunobhala nakwezinye izikhulu ze-ANC.
Kulo myalezo ocashuniwe, uNkk Dube-Ncube uthe abangavumeli ipolitiki eshibhile ukuba ihlukanise i-ANC nomphakathi. Uthe bahlekile noMthombeni ngayizolo bekhuluma ngokuthi nguyena olingana no-Elizabeth (Etzebeth) ngobude.
UMndebele uthe bayaphoxeka ukuthi i-ANCWL isiyampongoloza isho okushiwo yilabo abaphikisa i-ANC.
Uthe bebengathanda ukuthi i-ANCWL ixhumane nobuholi besifundazwe kunokuthi ivele ikhiphe isitatimende esizodala uqhekeko.
Uthe abathandi ukwanda kakhulu ngoNksz Pule ngoba ugxeka uDuma othuthukisa abantu besifazane.
Ube esecela i-ANCWL ukuba izinuke amakhwapha ukuthi abaholi bayo benzani uma bejutshwe kuhulumeni. Uphethe ngokuthi kumele izibuze ukuthi ngabe abaholi bayo abahluleka wukuthuthukisa abesifazane bakufanele yini ukuba sezinhlakeni zokuhola lolu phiko.