I-ANC KwaZulu-Natal ithe isazoqhubeka nokusebenzisana nobuholi be-ANC Women’s League (ANCWL) KwaZulu-Natal obusanda kuhlakazwa.
Unobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Bheki Mtolo, uthe bazoqhubeka nokusebenzisana nobuholi be-ANCWL KwaZulu-Natal obakhethwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi besifundazwe eyayisekuqaleni kwenyanga.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.
Ngeledlule unobhala we-ANCWL, uNksz Nokuthula Nqala, wabhalela uMtolo emazisa ngokuhlakazwa kobuholi obakhethwa engqungqutheleni eyayiseThekwini.
Kule ngqungquthela kwakhethwa uNkk Nonhlanhla Khoza njengosihlalo we-ANCWL esifundazweni, kwathi uNkk Zama Sokhabase wakhethwa njengonobhala.
Yize ubuholi bukazwelonke bathatha isinqumo sokuhlakaza lobu buholi, ngempelasonto uNkk Khoza noNkk Sokhabase bebeyingxenye yomhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal, futhi uMtolo uveze ukuthi laba baholi basazoqhubeka nokuba ingxenye yale mihlangano.
“Siyazi ngencwadi eveza ukuthi bayahlakazwa kodwa siphinde sathola ukuthi bakuphonsela inselelo ukuhlakazwa kwabo. Lokho kusho ukuthi basazoqhubeka nokuphatha izikhundla zabo kuze kube kuphuma isinqumo. Emhlanganweni sibahalaliselile ngokukhethwa kwabo.”
Ingqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe yayigubuzelwe yizinkinga njengoba kwaba khona ukubambazeleka kwayo kwaphinde kwaba nezinsolo zokuthi kunezithunywa ezingavunyelwanga ukuvota.
UNkk Khoza, onguNgqongqoshe wezeNhlalakahle KwaZulu-Natal, wahlulwa uNkk Bongi Sithole-Moloi, onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, emjahweni wokuhola i-ANCWL esifundazweni.