I-ACTIONSA isabisa ngokuthathela izinyathelo zomthetho amaphoyisa noNgqongqoshe wawo kuleli uMnuz Bheki Cele, ozowaphoqa ukuthi enze umsebenzi wawo wokuvikela umphakathi.
Lokhu kuvele ohlwini lwezikhalo zaleli qembu ezidluliselwe ehhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa ePitoli, emva kokuthi amalungu alo abemasha, izolo.
Imashi ibiholwa uMnuz Herman Mashaba, kanti i-ActionSA inqumele uCele ugwayi katiki yathi akaphucule izinga lezinsiza kusebenza eziteshini zamaphoyisa ezinyangeni ezintathu ukusukela esikhathini sokudluliswa kwale ncwadi yohlu lwezikhalo.
UMashaba uthe izigameko zakamuva ezenzeka emphakathini kulo lonke elakuleli, zenza abantu bazithole bengavikelekile njengoba amaphoyisa engakwazi ukufika ngesikhathi ezindaweni zezigameko noma engenazo izinsiza ezifanele.
“Emasontweni adlule, i-ActionSA ibhale uhlu lwamagama eziteshi zamaphoyisa ezingasebenzi ngendlela. Ezikhalweni ezevile ku-100 iqembu elizitholile, u-60% wazo uveza ukuthi izingcingo eziteshini zamaphoyisa, azisebenzi. U-50% weziteshi zamaphoyisa azibi nawo ugesi uma kunohlelo lokucinywa kukagesi kanti inqwaba yezikhalo ezokuthi amaphoyisa awanazo izimoto zokufika ezigamekweni ngesikhathi,” kusho uMashaba.
Okunye okuvele kulolu hlu, isibalo esingenele samaphoyisa eziteshini, yizakhiwo ezingekho esimeni, ezigugile, amaphoyisa ahlulwa ukusebenza nezinselelo ezibhekana nomphakathi ugcine ungakwazi ukuvula amacala emaphoyiseni.
Bafuna ukuthi zonke iziteshi zamaphoyisa zibe nama-generator asetshenziswa uma kunokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga, yizinombolo zocingo ezingasetshenziswa amalungu omphakathi uma kukhona izimo eziphuthumayo nokulungiswa kwezakhiwo zeziteshi zamaphoyisa.
I-ActionSA ithe ifuna uCele aveze amaqhinga azowasebenzisa ukuqinisekisa ukuthi lokhu abakhala ngakho uyahlangabezana nakho nesikhathi esizothathwa ukulungisa isimo.
Imashi beyihanjelwe amalungu nabaholi baleli qembu abavela kuzona zonke izifundazwe.