ISILOMO somlingisi, uTerry Pheto, siphinde sanukeka kolunye uphenyo lweSpecial Investigating Unit (SIU) oluthinta ukudliwa kwemali yoxhaso lwakwiNational Lotteries Commission (NLC).
I-SUI ithe isiqede u-90% wesigaba sesibili, kwezintathu, sophenyo mayelana nokusetshenziswa kwemali yeNLC.
Imiphumela iyishicilele ekhasini layo le-X ethe selulonke uphenyo ngolwemali elinganiselwa kuR1.4 billion umbuso neNLC okuthiwa uyilahlekele ngenxa yenkohlakalo.
Isigaba sokuqala ithe sithinta uR279 710 409, esesibili sithinta uR246 659 310 kuthi esesithathu sithinte uR905 901.04.
NgoLwesithathu ibivele ngaphambi kwekomiti lePhalamende lapho iveze khona obunye ubufakazi bayo obuthinte uTerry. UTerry uzakhele udumo edlala indawo ephambili efilimini eyawola izindondo iTsotsi.
Usolakala ngokuhlomula kungafanele emalini yeNLC.
"I-NLC yaphasisa uxhaso lukaR5 million enkampanini iZibisix Non-Profit Company ukuze ithole ipulazi lezinkukhu ngo-2018. Ngemuva kokuthola uR5 million, imali yaphuma kwi-akhawunti kwakhokhwa kanje: ifamu yathengwa ngoR850 000 futhi iSIU ithole ukuthi owayengusihlalo webhodi yeNLC, uSolwazi u-Alfred Nechutanda, nguye owasayina isivumelwano sokuthenga ifamu eVaal," kusho iSIU.
Ithe ubufakazi buveza ukuthi ifamu yathengelwa ukuzuzisa udadewabo kaTerry uDimakatso Pheto. Njengamanje sekuqalwe uhlelo lokuthi kuvulwe amacala kuphinde kubuyiswe imali.
Kulo R5 million, kuvela ukuthi uTerry wathola uR182 000. Izinkampani angumqondisi wazo iTsoseletso kwangena uR253 000 kuthi iSanguti Projects kwafakwa uR2 800 000.
UDimakatso wathola uR315 500 kwi-akhawunti yakhe kuthi inkampani angumqondisi wayo iPheto Safe and Cleaning yathola uR124 000.
Inkampani yomsiki wengqephu odumile uThula Sindi, iBlack Planet Trading, yafakelwa uR140 000. Enye imali enguR209 500 yathenga izinto zasepulazini.
NgoMashi nyakenye, kwadayiswa umuzi kaTerry oseGoli ngoR3.9 million ngemuva kokudliwa njengoba iSIU yathi wakhiwa ngemali eyathathwa eNLC.
I-SIU iphinde yethula ubufakazi bokuthi inkampani iSouth African Movement (SAYM) yafaka isicelo semali egameni lePresley Chweneyagae Foundation yomlingisi uPresley Chweneyagae. UPresley wayelingisa noTerry kwiTsotsi futhi ubedlala indawo kaCobra emdlalweni osanda kuphela iThe River.
Imali engu0R15 million kuthiwa kakungeyohlelo lobuciko iTake Back the Future Musical, Domentary and Poetry Arts. Kulo R15 million, uR299 967 wafakelwa inkampani i-Iron Bridge Traveling Agency and Events kaRebotile Malomane owangunkosikazi wowayesikhulu seNLC uPhillemon Letwaba.
U-R950 190 wafakelwa iVNMM Consulting Engineers CC kaMeshack Makhubela oshade nendodakazi kaNevhutanda. Kuphinde kwakhishwa uR500 000 wathunyelwa abammeli ababhalisa izindlu. UNevhutanda ufakelwe uR100 000 wokuthenga ibhasi, uR60 000 womncwabo nenye imali engu-R290 190.