KUZOKWEHLA umthwalo kubashayeli bezimoto njengoba kulindeleke ukwehla kwentengo kaphethroli nodizili, okuzomenyezelwa esontweni lokuqala kuDisemba.
Ngokolwazi olungakamenyezelwa lombiko waphakathi nenyanga wakwa- Central Energy Fund, abashayeli bengase bethole ukuphefumula njengoba ilitha kaphetroli i-ULP 95 lingase lehle ngo- R1.06c bese kuthi i-ULP 93 kulindeleke yehle ngo- R1.05c ilitha. Ngokwesitatimende sabakwa-Automobile Association (AA), kulindeleke ukuthi intengo kadizili yehle kakhulu njengoba ingase yehle ngo- R2.10 ilitha, bese kuthi upharafini wehle ngo- R1.75c ilitha.
“Ukusimama kwamadla eRandi uma kuqhathaniswa ne- US dollar kudlale indima enkulu, futhi kuhlanganisa yonke intengo kawoyela ukuqinisekisa ukuthi abantu bakuleli bathenga le mikhiqizo ngentengo eyehlisiwe ngoDisemba,” kubhalwe esitatimendeni sabakwa-AA.
Baveza ukuthi ngenxa yalokhu kwehla kwentengo, uphethroli i-ULP 95 ungabiza u- R22.17c ilitha ezindaweni ezimaphakathi nezwe, ubengu- R22.05c kwezisogwini okuwukwehla kakhulu kusuka ngoFebhuwari nonyaka. Ukwehla kwentengo kadizili kungenza ilitha yawo ibize u-R22.15 okuyintengo engcono uma kuqhathaniswa no- R23.05c wangoSepthemba, kodwa ithe xaxa uma iqhathaniswa neka-Agasti njengoba ilitha belibiza- R20.21c.
Abakwa-AA bathe lokhu kuzokwehlisa umthwalo kubantu bakuleli njengoba belungiselela ukuhamba amabanga amade ukuyochitha isikhathi samaholidi okuphela konyaka. Banxuse abashayeli ukuthi baqinisekise ukuthi izimoto zabo zisesimeni ngaphambi kokuthatha uhambo lwamabanga amade futhi lokhu bakuqalele kusemanje kuthi kuqambe kushaya isikhathi sokuvakasha, izimoto zabo zisesimeni.
Ukwehla kwentengo yale mikhiqizo kulindeleke ukuthi kuqale phakathi kwamabili ngoDisemba 6.