YIZE kube nesasasa kukhethwa izintombi nto ebandleni lamaNazaretha kuphela umhlangano kaJulayi, kuthiwa isibalo somama bezingane abakhethiwe sibe ngaphezulu kwesezintombi.
Isolezwe Ngempelasonto, lithole ngomthombo walo ongaphakathi ukuthi bezenzeka esihlahleni kukhethwa omama bezingane abaziwa ngokuthi yizintombi zentethelelo.
Ngokujwayelekile omama bezingane kuthiwa yibona abasuke beheha inhlalisuthi ukuthi ibakhethe kanti eSipholi, kusuke kuyinhlalisuthi esuke idla ngamabala.
“Njengoba isibalo sezintombi ezikhethiwe silinganiselwa ku-5 000, esezintombi zentethelelo cishe sibe ngaphezulu kwalesi. Inkinga ukuthi isihlahla akuyona into egunyaziwe kumaNazaretha njengoba lungakaze lube khona uhlelo lokukhethwa kwasebenezingane,” kusho umthombo.
Okhulumela umholi wamaNazaretha inkosi Mduduzi Shembe uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe noma ibekhona eyesihlahla kodwa akekho obenake okwenzeka khona kakhulu.
“Njengoba kuyinto engamukelekile akekho okunakayo okwenzeka khona. Ngalokho asisho ukuthi akumele zikhethwe esezinezingane kodwa akulona uhlelo oluhambisana nenqubo yebandla. Ngenxa yokuthi sekuyinto eyenzekayo, sinxusa ukuthi nazo izintombi zentethelelo ziziphathe kahle. Uma izimisele ngokuyokhethwa ayihlale ilindile nayo ingayi esihlahleni inomuntu okhona empilweni yayo ngoba lokho kuzoqhatha inhlalisuthi. Awukwazi ukulinda usuku lokukhethwa ube ubambise ngomuntu. Uma kungukuthi ufuna ukukhethwa kumele ube wumuntu ongenaye umuntu,” kweluleka uMncwabe.
Uthe umholi wamaNazaretha osewakhothama, inkosi Amos Kula Shembe Inyangayezulu, nguyena owetha asebenezingane bengagcagcile ukuthi bayizintombi zentethelelo. Uthe, wathi njengoba zithethelelwe kumele ziziphathe kahle zingakulibali ukuthi zisengamaNazaretha futhi zisenalo ilungelo lokuthi zingagana.
Echaza ngezintombi nto ezikhethethiwe, ngokwenqubo yebandla lamaNazaretha akumele okhethe intombi kuphele iminyaka emibili engayilobolile.
“Empeleni usuke unonyaka owodwa obekelwe wona bese unikwa owesibili ukuthi wenze izinto ngendlela. Uma wehluleka kumenyezelwa ebandleni ukuthi sewehlulekile. Akufihlwa ubizwa ngegama lakho ukuthi wehlulekile okusho ukuthi intombi isingaphindela eSipholi iyokhethwa kabusha. Nayo intombi inalo ilungelo lokuthi iyokumangalela esontweni ukuthi sekuphele iminyaka emibili ungayilobolile. Umuntu okuze kucishe kube ngcono kuyena osuke ematasa elobola kungukuthi iyaphela iminyaka emibili engakaphothuli. Loyo uyazwelwa ngoba kusuke kubonakala ukuthi uzimisele inkinga iwona amandla kodwa ongaqalile nhlobo uyavezwa esontweni. Kumele uye kokhetha usuyibekile imali yokuthi uqale izingxoxo zamalobolo ngoba akuvumelekile ukuthi kuphele izinyanga ezintathu ungavelile emndenini wentombi uma usuyikhethile esontweni,” usho kanje.