ZIPHINDE zamtinyela uMnuz Jabulani Khumalo inkantolo ikhipha isinqumo sokuthi igama lakhe likhishwe ohlwini lwabantu abanelungelo lokusayina izinto eziphathelene naleli qembu ebhange.
INkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePitoli iyalele i-Standard Bank ukuba imkhiphe njengomuntu osayinayo kwi-akhawunti yasebhange ye-MK Party.
UKhumalo ubefuna ukuqhubeka nokusayina izinto zaleli qembu, ethola iminikelo, ngenxa yokuthi wayekhalaza ngokuxoshwa kwakhe yiqembu eliholwa nguMnuz Jacob Zuma.
Ngaphezu kwalokho, inkantolo imyalele ukuthi akhokhele izindleko zaleli cala.
IMK Party ikhiphe isitatimende iveza ukuthi iyasamukela isinqumo senkantolo. Ithi izoqhubeka nokulwa noKhumalo nalabo abamesekayo abazama ukuphazamisa leli qembu. Lithi kuyacaca ukuthi kukhona abafaka uKhumalo imali ephaketheni njengoba ephilela ukukhokhela izindleko zenkantolo futhi bayayamukela iminikelo ye-ANC efika ngezandla zabathile njengoba beqhubeka nokwakha iqembu.
Leli qembu lisho lokhu kuvela ukuthi uKhumalo uneminikelo abeyamukela ebhange laleli qembu.
Owayengumphathiwe wezeMfundo KwaZulu-Natal, osengu-Advocate enkantolo eNkulu eMgungundluvu, uAdv Kwazi Mshengu, unikele ezinkundleni zokuxhumana esola uKhumalo ngokungabi nawo umndeni.
“Angikholwa ukuthi uJabulani Khumalo unomndeni, ngoba bewuzomhlalisa phansi unxuse ukuba ayeke lento. Ezinye izinto azidingi ukungenelela kosopolitiki kodwa, umndeni,” kubhala yena.