Namhlanje usuku lokugcina lokuthi amalungu omphakathi athumele igama lalowo afisa ukuthi abe uMvikeli woMphakathi omusha.
Okwamanje lesi sikhundla sisabanjwe u-Adv Kholeka Gcaleka ngemuva kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa amisa u-Adv Busisiwe Mkhwebane.
UMkhwebane isikhathi sakhe sesiyaphela. Kuyacaca ukuthi noma ngabe uyaphumelela ekomitini likaSection-194 ePhalamende elibheka ukuthi ukufanele yini ukuba kulesi sikhundla ngeke kusasiza ngokomsebenzi, sekungalekelela ekutheni ahlanze igama lakhe.
Lo msebenzi wokuthungatha ozokuba nguMvikeli woMphakathi usingethwe yilungu lephalamende, uMnuz Cyril Xaba, ongumakadebona kwezepolitiki. Eminye yemibandela ekhona kulo msebenzi ukuthi lowo ofuna ukuwuthatha abe isazi sezomthetho noma abe kulo mkhakha womthetho, kumbe abe yijaji.