PHEZU kokuba uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usamile kwelokuthi ziyavulwa izikole ngoMsombuluko kodwa izinyunyana zothisha zithi iKZN ayikakulungeli ukuvulwa kwezikole.
Namhlanje kulindeleke ukuthi othisha baqale ezikoleni kodwa izinyunyana zothisha zikhiphe isitatimende ngokuhlanganyela zigxeka isifundazwe ngokuphanga umdaka ekubeni isimo sisemanzonzo ngenxa yegciwane iCorona zikhala ngokungabi khona kwezinsiza ezanele ukuqinisekisa ukuphepha kwabafundi nothisha.
Esitatimendeni esibhalwe ngokuhlanganyela izinyunyana iNatu, Sadtu, Naptosa, SAOU ne-PEU esithunyelelwe abezindaba, izinyunyana zigcizelela ukuthi ukukhathazeka
kwazo akugxilile kothisha kuphela okungamalungu abo kodwa nasekuphepheni kwabafundi.
“Izinyunyana ziphoxekile ngokwenziwa yizikhulu zomnyango esifundazweni. Uhulumeni uhlulekile ukubonisa ubuholi kubasebenzi bakhe njengoba nangalesi sikhathi esinzima othisha bengasekwa.”
Sithe ulwazi oluqoqwe yizinyunyana kusona sonke isifundazwe, lubeka isithombe esingahambisani nokushiwo umnyango mayelana nokulungela kwawo ukwemukela abafundi nothisha.
Sisole abomnyango ngokusebenzisa leli thuba ukuzidumisa bona kunokuthi baphucule izikole.
Siveze ukukhathazeka ngokungabi khona kwezinto zokuvikela ezanele ezikoleni sagxeka ukuvakashelwa kwezikole ezingu-13 kuphela yizikhulu zomnyango okuthiwa zikuthole konke okudingekayo.
“Sinxusa amalungu ethu ukuthi angalubhadi emsebenzini kusasa
(namuhla) njengoba kukhombisa ukuthi izikole azikabi bikho esimeni. Ukufunda kulesi sifundazwe kumele kuqale uma izikole sezikulungele ukwemukela abafundi nothisha esimeni esiphephile.
“Sinxusa umqashi ukuthi asebenzisane nathi ukuze sicebisane ngesu okudinga amasonto amabili noma amathathu ngaphandle kokuphazamiseka komsebenzi,” kugcizelela isitatimende.
Namuhla kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz Kwazi Mshengu noNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala bahambele izikole eziseNdwedwe bayohlola ukuthi sezikulungele yini ukuqala ukufunda ngoMsombuluko.