UMNDENI uthi beyingenanxa namuntu inkosi edutshulwe yabulawa ingena esigodlweni sayo eNdlangubo, eShowe, ngoMgqibelo ebusuku.
INkosi Hlanganani Biyela (54), ephinde ibe wuSihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu esiFundeni iKing Cetshwayo, ithelwe othulini ngoyaba lwezinhlamvu ingena esigodlweni sayo ebusuku ngoMgqibelo kanti umndeni uthi beyiwumuntu wabantu, lesi sigameko siwushaqisile
Okhulumela umndeni, Inkosi Phiwayinkosi Biyela, elandisa Isolezwe ngokwenzekile, uthe beyifika ngabo- 9 ebusuku ngesikhathi kwehla lo muga.
“Imise imoto esangweni njengenjwayelo abafana bayivulela isango. Ngesikhathi iqeda ukupaka iqonde kwenye yezindlu ukuyokhanyisa amalambu asemnyango, okuyilapho kuvuke khona abathile bayidubula. Ngoba beyisiphethe isibhamu idubulile yabhekisa ngakubo kodwa abasolwa babaleka,” kusho uBiyela.
Uthe ngesikhathi kubhekwa, kubonakale ukuthi izigilamkhuba ziqale ngokubhoboza imbobo othangweni olubiyele isigodlo, bayiqubela ngaphakathi egcekeni. Uveze ukuthi oyedwa kwabebehlasela udubulekile njengoba igazi liyabonakala lapho belihambe liconsa khona kodwa lafika laphelela ndawana thile okubonisa ukuthi umsolwa ubopha kakhulu.
“Sifonele ezibhedlela sinxusa ukuthi bazise amaphoyisa uma kukhona umuntu ongeniswa enenxeba lokudutshulwa. Isizwe sigqemeke engeqiwa ntwala ngokubulawa kwenkosi yaso ebingazikhukhumezi, ilingana nawo wonke umuntu, usho kanje.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ukugxekile ukubulawa kwabaholi bomdabu okubonakala kwanda esifundazweni.
“Lezi zigameko zidala ukungabibikho kozinzo emkhakheni wobuholi bomdabu. Esikhathini esingaphansi kwesonto sesilahlekelwe amakhosi amabili esifundazweni. Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi alekelele ekuqedeni lesi sihlava okubonakala sengamele ubuholi bomdabu esidala ukuxokozela,” kusho uHlomuka
Bekusanda kubulawa ibamba-bukhosi lesizwe sakwaZondi eNkandla, uMzomuhle Zondi (24), naye okuthiwa udutshulelwe esigodlweni sakhe ngoLwesithathu. Kuyo le nyanga kudutshulwe owayeyibamba-bukhosi, uZibuse Mlaba, wesizwe saKwaXimba.
Amanye amakhosi asebulewe kulesi sifundazwe kusuka ngo-Agasti wanyakenye nje kuphela nguNkanyiso Mncube waseNquthu, Manqoba Mkhize wesizwe saMambuzana kuMasipala Umngeni noSifiso Cele ngaphansi kukaMasipala waseMdoni.
USihlalo weNdlu yamaKhosi esifundazweni, Inkosi Phathisizwe Chiliza, uthe kuyichilo okwenzekayo, wathi ababulali bakaBiyela kukhombisa ukuthi bekuyitulo ebebelibophe kahle njengoba bekwaze ukungena ngaphakathi emagcekeni esigodlo bayidubulela khona. Udlulise amazwi enduduzo emndenini nasesizweni, wanxusa umphakathi ukuthi ulekelele amaphoyisa ngolwazi olungaholela ekuboshweni kwezigilamkhuba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eShowe.