INGEBHE kunyamalala isitshudeni saseDurban University of Technology, okuthiwa besisonga ngokuzibulala ngenxa yezinkinga ezithinta ikubo, osekuphele isonto sinyamalele.
USiyabonga ‘Gqimu’ Mathebula (27) waseNewcastle, owenza unyaka wokugcina emkhakheni weHolticulture enyuvesi, kuthiwa ugcinwe ukubonwa ngoMsombuluko wangesonto eledlule ntambama, ephuma endaweni okuhlala kuyo izitshudeni zase-DUT eseSouth Beach, enkabeni yeTheku.
Udadewabo kaMathebula, uNksz Zandile Dlamini ofake ezinkundleni zokuxhumana ecela ukufuniswa umfowabo, ekhuluma neSolezwe, uthe ubegcine ukukhuluma nomfowabo ocingweni ngosuku olwandulela okuthiwa unyamalale ngalo futhi ubesonga ngokuzibulala ngenxa yezinkinga ezithinta umndeni.
“Sitshelwe ahlala nabo endaweni okuhlala kuyo izitshudeni ukuthi unyamalale ntambama ngoLwesihlanu, kanti ngesikhathi omunye wabangani bakhe bengena endlini bafice ifoni yakhe nepheshana ebelibhalwe inamba yokuvula ifoni neyami yocingo abangifonele kuyo bengazisa ngokunyamalala kwakhe,” usho kanje.
Akazange athande ukwanda ngamazwi ngokuhlukumeze lesi sitshudeni ebesikhala ngakho njengoba kuthiwa besisonga ngokuzibulala.
Ngesikhathi efaka ekhasini lakhe lezokuxhumana kwiFacebook, ecela ukufuniswa umfowabo, abantu abaningi bakhombise ukukhathazeka. Iningi abo beliqinisekisa ukuthi akatholakali ocingweni.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli ukuqinisekisa ukuthi lukhona na udaba olubikiwe kuwo ngomuntu onyamalele.
Khonamanjalo ngeSonto, bekugujwa usuku olugqugquzela ukugwema ukuzibulala olwaziwa emhlabeni wonke, iWorld Suicidal Prevention Day oluqhakanjiswa ngoSepthemba 10 minyaka yonke.
Ngokwenhlangano ebhekele isimo somqondo womuntu, iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag), bangu-23 abantu abazibulalayo kuleli ngosuku ezigamekweni ezibikwayo, babe ngu- 230 abazama ukuzibulala.
Phakathi kwezinto ezingaba nomthelela wokuzibulala ezibalulwa yile nhlangano, yizinto ezithinta imali, izimo zemindeni, ukulahlekelwa yithemba nokuphoxeka kakhulu nokunye.