SIZWELILE kosomabhizinisi isiteleka sokunqamuka kukagesi se-Economic Freedom Fighters (EFF) njengoba amanye amabhizinisi eye avalwa ngoba kwesatshwa ukuthi kuzocekelwa phansi impahla.
Usomabhizinisi obuye abe yisishoshovu samalungelo abantu, uMnuz Siyanda Calvin Ntenga, uthe banqume ukuvala amabhizinisi abo eThekwini, baze bayowagada ngoba besaba ukuthi kungase kucekelwe ingqalasizinda njengoba kwenzeka ngezibhelu zangoJulayi 2021.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNtenga wayehola umkhankaso wokukhuculula inkaba yeTheku emuva kwezibhelu zango2021 nabanye osomabhizinisi abasebenzela enkabeni yedolobha.
“Sizwelile isiteleka se-EFF kosomabhizinisi ngoba yize bekukhona amabhizinisi abevuliwe izolo kodwa amanye aye avalwa ngenxa yokuthi eThekwini sabona lukhulu ngezibhelu zangoJulayi. Sinqume ukuvala ngoba sivikela amabhizinisi ethu. Lokhu kusho ukuthi asizange sihwebe ngoMsombuluko, akungenanga mali emabhizinisini ethu,” kusho uNtenga.
Ugqugquzele bonke abazohlela imibhikisho ukuthi babukele kwi-EFF ngokubhikisha kahle, kungabi nodlame nokucekelwa phansi kwengalasizinda nempahla.
UBrigadier Athlenda Mathe wamaphoyisa kuzwelonke, uthe kuboshwe ababhikishi abawu550 ngamacala okudala udlame emphakathini, ukusabisa, ukumosha ingqalasizinda ebalulekile, ukweba nokuzama ukutapa.
Kubuye kwashaqwa amathayi awu-24 300 uBrigadier Mathe athe ebebekwe ezindaweni ezihlukene ukuze kwenziwe ngawo ubugebengu.
Ubonge amalungu amathimba ezokuphepha emphakathini, imboni yezokuthutha okubalwa iSouth African National Taxi Council (Santaco) neNational Taxi Alliance (NTA).
Uthe izinhlaka zokuphepha zizoqhubeka nokuqapha isimo ngeso lokhozi ezweni jikelele, wacela amalungu omphakathi ukuthi abike izigameko zokwaphulwa komthetho eziteshini zamaphoyisa eziseduze nawo noma ngokushayela inombolo ye-crime stop ethi 0860010111.
Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthe umbhikisho wabo ube yimpumelelo, wancoma amalungu aleli qembu ngokubhikisha ngokuthula nezinhlangano ezihambisane nabo ukuzwkalisa ilaka labo ngokunqamuka kukagesi, ukuntuleka kwemisebenzi nezinye izinselelo ezikhungethe iNingizimu Afrika.