BELISEKHALENI lempi yokulwa nobugebengu ikhansela lakuMasipala waseMsunduzi, uMnuz Mabhungu Mkhize, elibulawe ngoLwesihlanu.
UMkhize obeyikhansela lakuWard 41, ubezihlanganise nezinhlaka ezahlukene ezilwa nobugebengu kule ndawo.
Phakathi kwezindawo ezingaphansi kwe-ward ebiphethwe uMkhize, kukhona nelokishini Imbali, esigcemeni i-14.
Kukulesi sigceme lapho kwabulawa khona abantu abayishumi ngasekuqaleni konyaka.
UMkhize naye usocongwe eshayela kuso lesi sigceme, ehlaselwa amadoda angabonwanga.
Yize imbangela yokubulawa kukaMkhize ingakaziwa, umthombo osondelene nodaba uthe maningi amathuba okuthi usocongelwe ukulwa nobugebengu.
I-ANC esifundeni iMoses Mbahida ithe kuyakhathaza ukuthi le ndawo isiphenduke isizinda sobugebengu nesokubulawa kwabantu.
Kuboshwe abasolwa ababili ngokubulawa kukaMkhize, kanti omunye usagcwele amathafa.
Abasolwa baboshwa ngalo uLwesihlanu.
Unobhala we-ANC eifundeni iMoses Mabhida, uMnuz Samora Ndlovu, uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi lesi sigameko senzeka kungakapheli sikhathi esingakanani kube nemizamo yokusocongwa kwelinye ikhansela le-ANC kuMasipala waseMkhambathini, uMnuz Ganono Gilanyoni, osinde ehlaselwa ngeledlule.
“Siyawabonga amaphoyisa ukuthi akwazile ukusukumela phezulu abamba abasolwa ecaleni lokubulawa kukaMkhize. Sinxusa umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukuze kutholakale umsolwa osagcwele amathafa.”
Ungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, uthe bakhathazekile ngezinga lokusocongwa kwamakhansela esifundazweni iKwaZulu-Natal.
“Amakhansela enza umsebenzi obalulekile emiphakathini. Ukubulawa kwawo kunomthelela ongemuhle ekuhanjisweni kwezidingo. Sinxusa imiphakathi ukuba isebenzisane namaphoyisa ukulwa nalesi sihlava.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa bazovela enkantolo maduze.
Abahlaziyi bezepolitiki bathe babona sisazoqhubeka isihlava sokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Umhlaziyi wezepolitiki ozinze eNyuvesi yaseWestern Cape, uSolwazi Bheki Mngomezulu, kanye nomhlaziyi ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, bathe ikhomishini eyayisungulelwe ukuphenya izigameko zokusocongwa kosopolitiki esifundazweni ayizange iqhamuke nekhambi.
UMngomezulu uthe isasasa eseliba khona uma kuzoba nokhetho lokuchibiyela nalo linomthelela ekusocongweni kwamakhansela.
“Njengamanje uma kuzoba nokhetho lokuchibiyela sekuza ngisho abaholi bakazwelonke, bezokhankasa. Usuba mkhulu umbango.”
UKhumalo yena uthe ukuba nomasipala abaningi ababuswa ngokubambisana KwaZulu-Natal kubhebhethekisa ukubulawa kwamakhansela.
“Into ekhona njengamanje ukuthi akusagcini nje ngokuthi kubulalane abantu abaqhamuka eqenjini elilodwa ngoba bebanga izikhundla, manje sekuyenzeka ukuthi labo abadinga isihlalo esisodwa ukuze baphathe bagcine bekeqa ikhansela lelinye iqembu.’
Ukusocongwa kukaMkhize kulandela imizamo yokusocongwa kwekhansela leNFP kuMasipala waKwaNongoma, uMnuz Mphathiseni Manqele, ohlaselwe ngesonto eledlule.
Ngenyanga edlule kubulawe ikhansela leNFP kuMasipala waKwaNongoma, uNkk Ntombenhle Mchunu.
Ngaphambi kwalokho bekusanda kubulawa ikhansela le-IFP kuMasipala wesifunda uMkhanyakude, uMnuz Innocent Mkhwanazi, kanye nekhansela le-ACDP kuMasipala waseMhlathuze, uMfu John Myaka.