UKHUSHUKELWE umoya ummeli wommangalelwa ecaleni lesishoshovu esabulawa ngesikhathi unina kamufi ethula ubufakazi obungahambisani nalobu abekade ebulindele.
Izolo, ngezikhathi zasemini, uMbuso usonge uhlelo lwawo lokubiza ofakazi ecaleni lokubulawa kukaMnuz Siphelele Nxumalo (17) eChesterville, eThekwini, ngo-1989.
Ummangalelwa uMnuz Wesley “Matiri” Madonsela, owayengumngani kamufi, usolwa yiNational Prosecuting Authority (NPA) ngokuthi wayesethimbeni elaziwa nge-A Team elalikha ngakhezo lunye nombutho wamaphoyisa kahulumeni wobandlululo.
Kwenzeke obekungalindelekile eNkantolo yesiFunda yaseThekwini, umshushisi u-Advocate SH Ngcobo eshiya ngaphandle ofakazi abamqoka okungunina kamufi, umalume kamufi nomunye wesifazane okuthiwa usehlala eNgilandi.
UNgcobo ube esetshela iMantshi u-BK Khumalo ukuthi welula isandla, unikezela ngalabo fakazi abathathu ukuba uma ethanda ummeli kammangalelwa, uMnuz Bongani Cele, abasebenzise.
Nebala uCele ugxume wahlala kunina kamufi, uNkk Phindile Nxumalo.
UCele ubeqale watshela inkantolo ukuthi uMadonsela, obesebhokisini labasolwa, ngeke ethule ubufakazi kodwa uzofolosa ngonina kamufi nokuyinto ebingalindelekile.
Ugcine esephakanyelwa umoya ebuza ephindelela unina kamufi ukuthi akachaze ukuthi lalinjani izulu ngobusuku bangoFebhuwari, 2, 1989, kwenzeka isehlo.
UCele kwale ngisho esetshelwa yimantshi ukuthi akaqhubekele phambili abuze okunye kodwa wathi yena usiza uNkk Nxumalo akhumbule ngoba isigameko senzeka kudala eminyakeni engu-34 eyedlule.
Imantshi ize yatshela uCele ukuba akehlise umoya ngoba iyambona akuseyena.
Inkantolo iqale yachitha isicelo sikaCele sokuba akhishwe phambili uMadonsela ecaleni ithi bebuntekenteke ubufakazi boMbuso.
UNkk Nxumalo ubengagudluki ekutheni akasakhumbuli ukuthi lalinjani izulu ngobusuku besigameko.
Imantshi ize yathi useshilo nje lo fakazi ukuthi akasakhumbuli.
Imantshi iveze nokuthi indlela uCele abuza ngayo uNkk Nxumalo sengathi usemphica ngemibuzo kanti ungufakazi osohlangothini lwakhe.
UCele ubefuna buthathwe njengento engekho ubufakazi obethulwa ufakazi woMbuso UNksz Phumelele Miya (50) owathi umufi wadutshulwa wuMadonsela emi naye bejola.
Lo fakazi wathi uMadonsela nenye yamadoda amathathu ayehamba nawo bakhipha izibhamu emaphaketheni badubula umufi amahlandla amaningi.
UNksz Miya wathi izulu laliyidliva ngolulu suku kodwa lase limile kwehla isigameko futhi kwakukhanya bha kukhanyisa ogesi, wambona kahle uMadonsela.
Nonina kamufi uthe nakuba engawabonanga ayengobani amadoda kodwa wabona izithunzi ezine zehla zibalekela ngakwakhe ngesikhathi elunguza ekhethinini ewindini. Naye uthe kwakukhanya lapho kwadutshulelwa khona umufi.