BEKUKHONA nowesifazane obekhulelwe kumalungu angu-10 akwaMemela aqothwe ngenhlamvu. Lesi gameko senzeke ngoLwesine ebusuku e-Unit 14 eMbali, eMgungundlovu.
Kwababulewe kubalwa umama wekhaya, uNkk Nobuhlali Memela (64), uMnuz Phumlani Memela, uMnuz Sabelo Memela noNkk Fikile Hlabisa obephila nokukhubazeka, ehamba ngesihlalo esinamasondo.
Omunye wababulewe nguNksz Brenda Memela obulawe nezingane zakhe ezintathu, u-Angie, uNomfundo noSphelele. Enye ingane yakhe, uManunu oneminyaka eyisikhombisa, iphuthunyiswe esibhedlela isimo sayo sisibi.
Ngaphakathi endlini kuthiwa bekukhona abesifazane ababili abebethandana nabafana bakwaMemela, nabo ababulewe.
Omunye kula besifazane kuvele ukuthi igama lakhe nguNana, ubekhulelwe. Isibongo sakhe asitholakalanga. Omunye obengaphakathi nguNompilo, naye isibongo sakhe esigcine singatholakalanga.
“Okubuhlungu wukuthi uNana ubekhulelwe njengoba esebulawa kabuhlungu kanjena,’’ kulandisa umakhelwane, ocele ukuba lingadalulwa igama lakhe.
Kuvele ukuthi inhloko yekhaya uMnuz Themba Memela, wahlaselwa wadutshulwa wafa ngonyaka owedlule.
Kuthiwa umndeni wakwaMemela ngonyaka owedlule waba nokungaboni ngasolinye nomunye umndeni, isibongo sawo esigodliwe, kubangwa ukuthi lowo mndeni washaya walimaza uMnuz Akhona Memela.
Kuthiwa kusukela lapho kwaba nodungunyane olungalawuleki phakathi kwale mindeni kwaze kwavulwa necala lokushaya.
Umufi uMnuz Themba Memela kuthiwa ngesikhathi ebulawa ngonyaka owedlule, wayengufakazi ecaleni lokushaywa kuka-Akhona.
Kuvele nokuthi umndeni lo okuthiwa awuboni ngaso linye nowakwaMemela, wadingiswa endaweni, usolwa ngokususa uthuthuva.
Okhulumela umndeni wakwaMemela, uMnuz Siyabonga Mndebele, ukuchaze njengenhlekelele lokhu okwehlele umndeni wakwaMemela.
Uthi namanje kusaduma amakhanda kubona ngomshophi athe ubehle ngaphezulu. Uthe akukho abakusolayo.
“Esikwaziyo ukuthi ubaba walapha ekhaya wadutshulwa wabulawa ngesihluku (ngonyaka odlule). Siyacabanga ukuthi konke lokhu kusaqhubeka kuleyo mpi yokubulawa kukababa walapha ekhaya,’’ usho kanjena.
Abahlaseli kuthiwa bafike bangqongqoza ekhaya lakwaMemela bazibiza ngamaphoyisa. Kuthiwa sebengaphakathi ababuzanga lutho, bavulele ngehlamvu baqotha imbokodo nesisekelo.
Ngemuva kwalokho kuvela ukuthi banikele enyangeni yaseSwatini ekude buduze nendawo yesigameko, beyozihlambulula.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz uBheki Cele ofikile endaweni yesigameko, uthe amaphoyisa athole ulwazi ukuthi abasolwa basenyangeni, bayosusa isinyama.
Uthe amaphoyisa awapholisanga maseko, anikele khona nokuyilapho afike abathola khona abasolwa.
Kuvela ukuthi kusuke isidumo abasolwa bedubulana namaphoyisa. Oyedwa wabasolwa usale enkundleni kanti ababili bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela.
Umsolwa osale enkundleni kuthiwa ngowesilisa oyingozi kakhulu ebese kuphele isikhathi eside efunwa ngamaphoyisa.