LO nyaka ube ngomunye weminyaka okugobhoze kakhulu igazi ezindaweni ezehlukene zesifundazwe iKwaZulu-Natal.
Kuchitheke igazi labesifazane ababeyizisulu zobugebengu obuyisihluku kodwa osebejwayelekile, kwathi kwezinye izigameko bazithola belahlekelwa imiphefumulo yabo ngesihlava sokuhlukunyezwa ngokobulili.
Phakathi kwazo kwaba ngesokubulawa kukaNksz Sindi Ncanana (28) wakwa-H, eMlaza, wagwazwa, wanqunywa.
Isidumbu sakhe satholwa ngo-Okthoba, sigqitshwe ethuneni elingashoni eduze komjondolo ohlala isoka lakhe.
Umndeni wakhe wawukade umgcine ngoJulayi, ezolandwa ngodli isoka lakhe. Isolezwe ngaleso sikhathi lathola ukuthi umndeni wakhe uqale ukusukuma emva kwezinyanga ezimbili, umbona engabuyi ekhaya, engashayi nocingo, naye engathinteki.
Kwezinye kubonakale kubulawa ngesihluku amalungu ezinhlaka eziqapha ubugebengu emphakathini emalokishini ikakhulukazi lawo akhele iTheku; okuyiNanda, Ntuzuma, KwaMashu noMlaza.
Zilinganiselwa ku-12 izigameko okubikwe ngazo zokubulawa kwalaba ebebethenjiwe ngokuba sekhaleni lempi yobugebengu.
Esakamumva, kube esokubulawa kukaMnuz Mnakiseni Mngadi (50) ngo-Okthoba, eBhambayi, eNanda.
UMngadi uhlaselelwe kwakhe ngemvula yezinhlamvu.
Kubuye kwabonakala amaphoyisa eqotha imbokodo nesisekelo ezigebengwini ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Phakathi kwezinye izigameko; kwaba esenzeka kwa-B KwaMashu, lapho amaphoyisa alalisa uyaca ezigebengwini ezinhlanu.
Zazisolwa ngokuba ngongqondongqondo ekubanjweni inkunzi izimoto zemali, nakho okuke kwabonakala kudla lubi eThekwini, ezinyangeni ezedlule.
Esinye isigameko esishaqishayo kwaba yileso sokushaqwa komnikazi wejoyinti ngoMashi, nonyaka, okuthiwa wayethume owesilisa waseBhukhanana, eMpangeni, ukuthi ayobulala umuntu abuye nekhanda lakhe. Lona wesilisa wagcina ebanjwa nengalo kamufi ongumakhelwane wakhe. Umufi, uMnuz Joseph Mchunu (58) kuthiwa wahlaselwa ngumsolwa wesilisa ebuya kophuza, wamnquma uqhoqhoqho, wabuye wamjumpula nengalo.
Kuphinde kwabonakala ukwanda kwezigameko zokubulawa kwabantu bomndeni owodwa kanyekanye. Kulezo kukhona nesase-Unit 14, eMbali, eMgungundlovu ngo-Ephreli, lapho kwadutshulwa kwabulawa khona abayishumi bomndeni owodwa. Kubona kwakukhona nowesifazane owayezithwele nowesifazane owayephila nokukhubazeka, ehamba ngesihlalo esinamasondo.
Khona eMgungundlovu, KwaMpande, kwaphinde kwangqongqiswa amaphara ayishumi ngoMeyi. Laba bahlaselwa ngabantu abangaziwa endlini eyase iphenduke isidleke sewunga kule ndawo. Abafi babesolwa ngokuba wuhlupho emphakathini ngobugebengu.
Ukubulawa komculi u-AKA nomngani wakhe eThekwini, kuFlorida Road ngoFebhuwari, kwaba indaba egudwini kanti kuze kube manje akekho oseboshiwe.
Isihlava sokubulawa kwamakhansela naso sibonakale siqhubeka eKZN nonyaka, kwaze kwaba bokusola ukuthi umthelela wakho ukubuswa ngokubambisana komasipala njengoba uma kushone ikhansela kuvela ithuba lokuthi kube nokhetho lokuchibiyela.
Esigamekweni sakamuva, kudutshulwe uSotswebhu we-DA kuMasipala uMngeni esemzini wakhe, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu. Amakhosi nezinduna nabo bebesocongwa nokwaze kwaphoqa uhulumeni waseKZN ukuthi aqhamuke nezindlela zokuqinisekisa ukuphepha kwabaholi bendabuko impilo yabo esengcupheni kubalwa uhlelo lokubabiyela imizi nokufaka amalambu akhanyisa bha.