IPHENDUKE umfula obomvu ngoLwesihlanu inkundla yezemidlalo iCurries Fountain, eThekwini, ngesikhathi iCosatu ikhumbula iqhaza lesiteleka sabasebenzi esenzeka ngo-1973.
Lo mkhosi bewuhanjelwe ngabaholi abawumbimbi nalo mfelandawonye wezinyunyana okuyi-ANC neSACP. Obemele iSACP, uMnuz Willies Mchunu, ubethulele isigqoko abasebenzi ababamba iqhaza esitelekeni sango-1973. Uthe isiteleka sadala ukuthi kubunjwe isikhondlakhondla somfelandawonye, iCosatu.
"Abasebenzi abanazo ezinye izikhali. Zimbili izikhali abanazo. Esokuqala ubumbano kanti esesibili ukuzinikela emzabalazweni ngoba akekho oyobazabalazela. Ngaphandle kokuzabalaza abasebenzi bayohlala becindezelekile," kubeka uMchunu.
Usihlalo weCosatu eKZN, uMnuz Duma Mthombeni, uthe umzabalazo wabasebenzi waqala ngo-1973, kuze kube yimanje. Uthe okwakulwelwa ngabasebenzi ngaleso sikhathi, kusalelwa namanje ngoba abasebenzi basemapulazini basaxhaphazeka. Uthe ayisoze iCosatu yaphela ngoba sekunobumbano.
Kanti umengameli weCosatu, uNksz Zingiswa Losi, ubuze abasebenzi ukuthi kungani bevumela ukuthi abasebenzi besifazane baqhubeke nokuhola imali encane kunabesilisa?
UNksz Losi, ubekhuluma ngoLwesihlanu emcimbini wesikhumbuzo sesiteleka sango-1973, eCurries Fountain Stadium, eThekwini. Ubuze ukuthi kungani sisincane isibalo sabajoyine izinyunyana ekubeni sezivunyelwe kuleli ? Uthe ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi abasebenzi basazabalaza ukuqinisekisa ukuthi imithetho yabasebenzi iyahlonishwa ngabaqashi.
"Kwenzeka kanjani ukuthi esikhathini lapho izinyunyana sezikhululekile ukujoyinisa abasebenzi kodwa u-27% wabasebenzi abajoyinile? Lena yinkululeko eyalwelwa kanzima ngabasebenzi bango-1973," kubuza uNksz Losi.
Wathi kwenzeka kanjani ukuthi kube nabaqashi abawu-45% abasaqhubeka nokuholela abasebenzi imali engagunyaziwe?
"Kufanele sihole. Sihole ngeqiniso. Noma sizimisele ngokuhlala phansi sibalise, silile ekubeni abasebenzi beqhubeka nokuhlukumezeka. "Ubumbano akusona isaga kodwa kudinga ukuba sinxenxane. Asikwazi ukwenza abaqashi bamukele izikhalo zethu uma nathi singakakwazi ukukhuluma."
Uthe uma abaholi bengazimisele ngokubahola, bazoyishiya inyunyana, baye kwezokwazo kwazi ukubahola. Abanye ebebehambele lombuthano ngusihlalo we-ANC uNkk Nomsa Dube, owayengumengameli weCosatu uMnuz Sdumo Dlamini nabanye.