BEBETHIBA ngayo indlala imali abebeyenza ngokuvundulula udoti osengasebenziseka bayowudayisa abantu okuthiwa badutshulwe onogada endaweni yokulahla udoti eBuffelsdraai eVerulam ngoLwesithathu.
Kulesi sigameko kuqinisekiswe ukushona kukaMnuz Njabulo Mbonambi (27) wasoSindisweni. Kuthiwa udutshulwe ngezinhlamvu zangempela esifubeni, washonela endaweni yesigameko.
Kubikwa ukuthi kulimale abevile ku-16, okuthiwa kumanje basezibhedlela, oSindisweni nase-Addington.
Izintatheli zeSolezwe ngesikhathi zihambele kule ndawo izolo, zikhangwe yintuthu emnyama iqhamuka kude, ezidonse yaze yayozifaka kule ndawo yokulahla udoti.
Kule ndawo bekukhona amalungu omphakathi, abedinwe egane unwabu, ethi alinde amaphoyisa aseVerulam, athembise ukuthi azofika nezinja ukuzocinga izidumbu zalabo okusolwa ukuthi onogada bababulale, babagqiba ngodoti kuyo le ndawo.
Bekungena kuphuma amaloli abezolahla udoti, amanye evunyelwa ukuthi angene awulahle kanti amanye abejikiswa, etshelwa ukuthi kuvaliwe.
Bekukhona namaphoyisa oMkhandlu weTheku, nawo abezothola umbiko ophelele ngokwenzekile.
Ilungu lomndeni kaMbonambi, uNkk Ntombifikile Mbulawayo, lithe ukudutshulwa kwabagilwa onogada benkampani iVusa Isizwe Security kuqale ngezikhathi zasekuseni ngoLwesithathu.
Uthe bezwe ukuthi uMbonambi udutshulwe ngezikhathi zasemini.
“Sithe uma sifika sathola ukuthi onogada bamdubulile bayomfaka ngaphansi kukadoti, bamshisa, abanye ozakwabo bebuka. Umfowabo kamufi uzamile ukumhlenga kodwa, bamphuca yena, bamdubula, bamphosa elangabini lomlilo,” kusho uNkk Mbulawayo.
Uthe yize isiza abaningi le ndawo kodwa sebefuna ivalwe manje ngoba sebebulawelwa amalungu emindeni kuyo.
“Bebenenhloso ngoba lona owakithi bamdubule esifubeni. Kungani besebenzise izinhlamvu zangempela,” kusho uNkk Mbulawayo.
UMnuz Bhongolomzi Mbazwana, ongomunye wabaqoqa udoti, nobekhona ngesikhathi kuqala kudutshulwa, uthe baqale ukuhlukunyezwa ngoMsombuluko, beshawa ngezimvubu, bexoshwa, betshelwa ukuthi abasavumelekile ukucosha udoti kule ndawo.
“Sibatshelile ukuthi siziphilisa ngako ukucosha udoti, baqale ngoLwesithathu ukusidubula besebenzisa izinhlamvu zangempela,” kusho uMbazwana.
Uthe babatshelile ukuthi ibuhlungu into ababenza yona ukuthi bababulalele kule ndawo abazama ukuziphilisa kuyo.
Uthe lokhu kuhlukumezeka kuqale njengoba sekungene le nkampani yonogada, okuthiwa isanda kufika.
Yize abaningi bezitshela ukuthi amaphara kuphela aqoqa udoti kule ndawo, Isolezwe lifike lathola ukuthi nomama bemizi yabo, nentsha engasebenzi, bonke bayeza ukuzoqoqa udoti kule ndawo bawudayise. Phakathi kwawo kukhona amakhalibhothi, oplastiki, amathini kanye namabhodlela.
UMbazwana wenze izinsolo zokuthi kule ndawo ebisha kukhona ezinye izidumbu zabagqitshwe udoti.
“Ziningi izidumbu ezila ngaphakathi, babagqibe phambi kwethu sibabuka, maqede bashisa. Njengoba kusasha namanje, kusobala ukuthi kusha bona kanye nodoti abacindezelwe ngawo,” kusho uMbazwana.
Isolezwe libuye lakhuluma ngoNksz Lihle Luti wasoSindisweni, othe bona balahlekelwe ilungu lomndeni, uNksz Mandisa Luti (18).
Uthe uNksz Luti uhambe ekhaya ekuseni njengenhlalayenza eya kuyo le ndawo, wangabuya ntambama.
“Yena ubeqoqa amathini, ayowadayisa, azitholele amasenti okuthenga izidingo ezincane zempilo yakhe. Ubengesilo iphara. Sikhathazekile ngoba akuze kungenzeka ukuthi ahambe angabuyi. Sinovalo lokuthi njengoba kuthiwa kukhona abagqitshiwe nje, naye ungomunye wabo ngoba kuze kube yimanje akaqhamuki,” kusho uNksz Luti.
Ikhansela lendawo nalo ebelikhona kule ndawo, uMnuz Nkosi Mhlongo, likuvezile ukuthi izikhulu ezibhekela ukusebenza kwendawo zike zakuveza ukuthi kukhona izinkinga ezibhekene nazo, bafisa kuqiniswe ezokuphepha.
“Besisenze iziphakamiso zokuthi yini engahle isize kulesi simo abebekhala ngaso ngesikhathi sithola ukuthi sekushitshwe inkampani yonogada. Sithole ukuthi kuthiwe ababhekane ngqo nalaba abaqoqa udoti,” kusho uMhlongo.
Uthe khona bebekuqonda ukukhathazeka kwezikhulu ngabantu abangaziwa abangena bephuma ukuzoqoqa udoti kanjalo nobugebengu bokwebiwa kwama-battery ezimoto nodizili.
“Sithe sisaxoxa ngezisombululo esizibeke etafuleni, sezwa kuthiwa sekushintshwe inkampani, eqale yabashaya ngezimvubu ngoMsombuluko nangoLwesibili, ngaphambi kokuthi igcine isibadubula ngezinhlamvu zenjoloba ngoLwesithathu, kwagcina sebedutshulwa ngezangempela. Esingakuqondi ke manje ukuthi babulawelwani,” kusho uMhlongo.