NKOSIKHONA CELE
KUVELA ukuthi bebeyingxenye yeqembu lemigulukudu elisatshwayo abesilisa abathathu abatholwe bebulewe bashiswa baba wumlotha ngoLwesibili, ehlathini laseNanda.
Umthombo obaziyo laba kodwa ocele ukuba ligodlwe igama lawo, uthe laba besilisa okutholakale izidumbu zabo ziwumlotha bebesatshiswa okwenyoka eNanda.
Nakuba bebehlupha eNanda nasezindaweni eziseduze kwayo kodwa kuvela ukuthi bebengabaseMlaza, eningizimu yeTheku.
Kuvela ukuthi ngosuku ababulawe ngalo bahamba bebane bayogqekeza isitolo esiseNewlands West.
Kuthiwa kwathi sebengaphakathi kwangena amadoda ayehlome eyizingovolo ayeqaphe isitolo. Ngokomthombo, awabuzanga lutho aqala ngokubabhaxabula ase ayababulala.
Umthombo uthe akucaci kahle ukuthi babulawa kanjani futhi kusetshenziswa hlobo luni lwesikhali.
Uthe ngemuva kokuba sebebabulele babafaka emotweni bathatha izidumbu zabo baziyisa ehlathini laseNanda.
"Kusolakala ukuthi laba abababulele bese bazi ukuthi laba bahlela ukuzogqekeza kulesi sitolo. Bebebazi nokuthi bayingozi enkulu kangakanani emphakathini," kulandisa umthombo.
Uqhuba, umthombo udalule ukuthi kukhona oyedwa osindile ngosuku lwesigameko wabaleka ngemoto.
Kuvela ukuthi umphakathi uyesaba nokukhuluma ngalolu daba ngoba kukhona abanye baleli qembu lemigulukudu abasadla anhlamvana.
"Abantu besaba kufanele phela, abababaqedanga bonke, kukhona abanye abasasele. Asazi ukuthi bacabanga ukwenzani njengoba kubulewe ozakwabo ngesihluku esingaka," usho kanje.
Phambilini, ikhansela lakule ndawo, uMnuz Makhosini Luthuli, lezwakalisa ukukhathazeka kwalo okukhulu elinakho ngesimo esimanzonzo saseNanda.
Laveza ukuthi lizobiza umhlangano kubhungwe ngale ngwadla abazithola bebhekene nayo.
Izolo, litshele intatheli ukuthi umkhondo wababulewe sebewutholile, laqinisekisa ukuthi kuvela ukuthi bangabaseMlaza.
ULuthuli uveze ukuthi kukhona umhlangano asazongena kuwona azothola okuningi mayelana nalolu daba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukubulawa kwabathathu eNanda ngoLwesibili.
"Kukholakala ukuthi kubulewe abesilisa abathathu maqede bashiswa. Okwamanje asikatholakali isizathu sokubulawa kwabo. Amaphoyisa asaphenya," echaza.