KUHLWE emini kubanjwa abasolwa abayisithupha bephethe izinhlokohlela zezibhamu ngeSonto emini kuM1 eSandton.
Amaphoyisa alunywe indlebe ngemigulukudu ehlela ukuyogebenga ndawana thize edolobheni eGoli behamba ngemoto yenkampani yokudiliva neveni iToyota emhlophe.
Nebala amaphoyisa avimbezele laba besasendleleni.
“Uphiko lweFlying Squad belulokhu luqaphe lezi zimoto zihamba kuN1 zibheke eningizimu. Amaphoyisa nawo alandele izimoto aze azivimbezela kuM1 eSandton lapho kuvele khona ithuba lokuthi zivinjwe,” kusho uLieutenant Colonel Mavela Masondo okhulumela amaphoyisa eGauteng.
Ngemuva kokuvinjwa kwezimoto, zibe seziseshwa kwatholakala ama-rifle amabili, ama-pistol amathathu nezinhlamvu.
Izibhamu zizohlolwa ukuze kubonakale ukuthi azikaze zesebenze yini kobunye ubugebengu.
Umkhuzi wamaphoyisa eGauteng, uLieutenant General Tommy Mthombeni, uncome uphiko lweJohannesburg Flying Squad ngokusebenza ngokuzikhandla ukuvimbezela abasolwa nokuhlenga impilo yabantu ebingaba sengcupheni ukuba luqhubekile uhlelo lwabo.