ISONGWE ngegiya eliphezulu imikhankaso yamaqembu ezepolitiki, emicimbini ebithe chithi saka nezwe, abaholi benxenxa amavoti okokugcina kubantu bakuleli, ngempelasonto.
Kule mikhankaso ebigqame ngeziqubulo ezehlukene, bekuyinkombankombane kwabamaqembu begxeka, bethembisa baphinde baveze okuhle abangakwenzela izwe uma abantu bebanika ithuba.
I-ANC, isonge ngomkhankaso wayo iSiyanqoba Rally, lapho izinkumbi zabalandeli bayo zigcwalise phama inkundla i-FNB, eGauteng emumatha abantu abevile ku-90 000.
Ekhuluma nabebegcwalise inkundla, uMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa uxwayise abantu ngokuthi bangavoteli amaqembu ahlose ukubuyisela emuva igxathu asebelihambile ukuthuthukisa izwe.
“Kusemandleni enu ngokusebenzisa ivoti ukuchitha amaqembu ezepolitiki asebenza ngokuzimisela ukubuyisela emuva lokhu esesikuzuzile njengezwe. Siyaninxusa ukuthi nikhethe i-ANC okuwukuphela kwenhlangano ethembekile ekuqhubekeni neyakuqala ukuguqula isimo saleli zwe. Njengoba saqinisekisa ukuqeda ukuLawulwa koMbuso yiDlanzana, namanje sizoma ndawonye ukuqeda lonke uhlobo lwenkohlakalo,” usho kanje.
Uthembise ukukhushulwa kwamandla omnotho okuzoholela ekunyusweni kwemali yesibonelelo sabangasebenzi ibengu- R700.
Kube bomvu inkundla yezemidlalo iPeter Mokaba, esifundazweni i-Limpopo, abalandeli be-EFF behambele umkhankaso wokugcina abawubiza nge-Tshela Thupa Rally.
Umholi waleli qembu uMnuz Julius Malema ekhuluma kulo mcimbi, uthe u-Ephreli, 27, 1994 kwakumele ngabe unyaka wokuqeda ubandlululo, kodwa kuze kube manje lokhu akukenzeki.
“Umehluko ukuthi ubandlululo lwanamhlanje akuselona lolu lokuthi uze ubone izimpawu eziveza ukuthi abantu abathile abavunyelwe la, kodwa ngolwezezimali. Uma ufuna ukuthenga imoto noma umuzi, utshelwa ukuthi isicelo sakho asiphumelelanga, uma ufuna ukuqala ibhizinisi noma ukuya enyuvesi ukuqhuba izifundo zakho, kuthiwa isicelo sakho asiphumeleli ngenxa yokuthi awusebenzi, uyahlupheka. Namhlanje kuthiwa sikhululekile, sikhululeke kanjani uma izinga lentsha engasebenzi levile ku-40% ?,” kusho uMalema.
UMalema ubegxekwa ngabaningi ngephuzu yokuvulwa kwemingcele kuleli. Ushaye ungqimphothwe, wathi imingcele ngeke ivulwe ngokushesha futhi akekho umuntu ongenawo amaphepha okuba kuleli oyovunyelwa ukungena.
Abalandeli beDemocratic Alliance bagcwalise inkunda i-Willowmoore, eBenoni eGauteng emkhankasweni wayo wokugcina i-We can rescue SA.
Ethula inkulumo yakhe umholi waleli qembu uMnuz John Steenhuisen, ugxeke uhlelo lwezempilo olusanda kusayinwa uRamaphosa i-National Health Insurance.
“Njenge-DA, besinani izolo, sinani namhlanje sizobanani ngangemva kokhetho. Asizami ukulungisa ngoba kusondele ukhetho sisayine izinto ngoba sinxenxa ivoti. Lolu hlelo aluzile ukuzokwenza ngcono ezempilo kuleli kodwa ukuzothatha amandla ezinkampani ezibhekele ezempilo. Uma ufuna ukubona indlela izibhedlela ezisebenza ngezinga eliphezulu ngayo, bheka esifundazweni i-Western lapho kuphethe lona leli qembu. Ngakho sinxusa usivotele,” usho kanje.
Kube yimpelasonto ematasa eqenjini elisanda kusungulwa i-MK njengoba isonge imikhankaso yalo iMayibuye Rally ezifundazweni ezimbili, KwaZulu-Natal eHammarsdale ngoMgqibelo nasesifundazweni iMpumalanga izolo.
Nakuba umholi waleli qembu uJacob Zuma engafikanga kweyangoMgqibelo abelindelwe kuyo ngabomvu, uthushuke e-Sol Plaatjie University eNothern Cape lapho ebehlangene khona nezitshudeni namalungu omphakathi wama-Khoisan ngaphambi kokuthi adlulele eMpumalanga ukunxenxa ivoti.
I-IFP isonge umkhankaso wayo i-Sizonqoba, igcwalisa inkundla yezemidlalo iMhlathuze Sports Complex, eRichard’s Bay.
Umholi waleli qembu uMnuz Velenkosini Hlabisa ekhuluma nabalandeli abebethamele uthe sebekulungele ukuletha uguquko kulesi sifundazwe nokuba yingxenye kahulumeni wesifundazwe i-Gauteng nokuphathwa kukahulumeni kazwelonke.
“Abantu baseNingizimu Afrika bazothola uhulumeni ozodala amathuba emisebenzi, ozoqeda ubugebengu nenkohlakalo, abantu besifazane bahlale ngokuphepha
Amanye amaqembu abematasa kule mpelasonto, yi-ActionSA umholi wayo uMnuz Herman Mashaba ohole imashi yeqembu eTembisa eGauteng lapho ebenxenxa khona amavoti, i-Rise Mzansi ibiseDaveyton eGauteng, iBuild One South Africa eholwa uMnuz Musi Maimane isonge umkhankaso wayo i-Zijikilizinto, e-Ellis Park Arena, eGoli.