UMBUSO usho zisuka ukuthi uzophikisana nokuthi anikezwe ibheyili amadoda amabili abanjwa eKosi Bay, esewela umngcele ebheke eMozambique, nempahla kaMasipala waseThekwini okusolakala ukuthi ayeba ebizaR1.82 million.
Umsolwa wokuqala uMnuz Herminio Nelson Afonso (44) nowesibili uMnuz Salomon Antonio Zibia, bavele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo.
Bazogcinwa ezitokisini njengoba icala labo lihlehliselwe uNovemba 30, ukuze bafake isicelo sokuba bakhululwe ngebheyili.
Emaphepheni asenkantolo, uMbuso uthi laba, okungabaseMaputo, eMozambique, bazolibalekela icala uma bededelwa ngebheyili njengoba kungacaci kahle nangezincwadi zabo zokuhambela amazwe.
Basolwa ngokuthi bantshontsha amalambu asemgwaqweni angu-52 okungakamasipala endaweni ayegcinwe kuyona eSpringfield, eThekwini, ngoNovemba 11.
Bacele imantshi besebenzisa ummeli wabo ukuthi inkantolo ibatholele utolika okhuluma isiPutukezi khona bezokuqonda kahle okushiwo enkantolo.
Bangene enkantolo bebukeka sengathi bazididekele, uZibia egunde emaceleni ekhanda enempithi begqoke izimpahla ezizikhathalele.
Kwabebekade bethamele leli cala, bekukhona nabesilisa okungabokufika, abevile kwabahlanu okuthe uma kungena abasolwa enkantolo bashayelana amasayini, bekhombisa ukujabulelana.
Laba ababili baboshwe emasontweni amabili edlule, eManguzi wuphiko iBorder Management Authority noKlebe.
Kuthiwa babehamba ngemoto eyayidonsa isikhenke esasinempahla kamasipala okwathi uma bebuzwa ngayo bahluleka ukunikezela ngezimpendulo eziqondile, zase ziyabakhalela.
Bese bevele kabili eNkantolo yeMantshi yaseManguzi, kuthangi ekhiphe incwadi eyalela ukuba abasolwa babuyiselwe eThekwini, endaweni yesigameko.
Omele abasolwa ozibize ngoMnuz ZKE Mthembu, uthe mhlazane kubuyelwa enkantolo, abasolwa bazofaka isicelo sebheyili.