KUGQUGQUZELWE osomabhizinisi abancane ukuthi besebenzise amathuba avulwe yiCovid-19 ngoba yize izinkampani ezinkulu zivalile kodwa amathuba abe khona.
UNksz Noni Gasa, obephethe uhlelo kwisithangami sokucobelelana ngolwazi kwiDurban Business Fair, uthe kubalulekile ukuthi osomabhizinisi abancane bathole amathuba kwiCovid-19 ngoba yibona abadala amathuba omsebenzi.
Ubalule ukuthi selokhu kuqubuke iCovid-19 bawu-3.6 million abantu abaphelelwe wumsebenzi eNingizimu Afrika.
UNkk Nokuthula Nox Magwaza, weBloom Marketing, uthe ayikaze ivalwe inkampani yakhe ngisho ngesikhathi izwe livalwe ngokwesigaba sesihlanu ubesebenza.
“Ngesikhathi uhulumeni ethi izwe lizovalwa ngokwesigaba sesihlanu ngangingazi ukuthi kuzokwenzekani enkampanini yami kodwa emuva kwezinsuku ezimbalwa ngizithole ngimatasa. Ngithole ukuthi abesifazane bafuna ukukhangiselwa imikhiqizo yabo abayenza uma bengasebenzi, abanye babhalisa ngokusemthethweni izinkampani ngoba bebehleli emakhaya. Akhona amathuba avulwe yiCovid-19,” kusho uNkk Magwaza.
UMnuz Thebe Ikalafeng, weBrand Leadership, uthe asikho isikhathi esinzima esingenawo amathuba ebhizinisi.
Wenze isibonelo seGreat Depression nezinye izinhlekelele nezimo zempilo eziguqule impilo yabantu emhlabeni jikelele.
“Okuhle ngeCovid-19 wukuthi inginike ithuba lokuhlala ekhaya, ngibone abasebenzi bami kabili ngosuku. Ngihlale ngihambela amazwe ahlukene ngomsebenzi ngakho abasebenzi bami angibaboni njalo. Osomabhizinisi abakhaliphile bazowathola amathuba kwiCovid-19 ngoba yisikhathi esidinga sizihlele kabusha,” kusho * -Ikalafeng.
UMnuz Syvester Chauke, weDNA Brand Architects, owaduma kakhulu ngokwenza izikhangiso zakwaNandos naye uzwakalise ukuthi ubekhathazekile kodwa hhayi ngenkampani yakhe kwazise ubekhathazeke ngabasebenzi.
“Abasebenzi babalulekile kumina, akusibo bonke abakwazi ukusebenzela emakhaya. Ngiyabathinta njalo ukuzwa ukuthi bayakwazi yini ukusebenzela emakhaya, bayakwazi ukuba semhlanganweni weZoom njalo,” kusho uChauke.
UNksz Sphe Mjadu, oyiNhloko yezokuKhangisa e-Unilever Afrika, uthe imali yabo eningi yokukhangisa bayichitha ngokusebenza nabagqamile nabalandelwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana hhayi nabezindaba njengakudala.
Uthe iCovid-19 ivule amathuba okuthi babuke imikhiqizo edingwa kakhulu ngabantu uma besemakhaya.