INTAKA ibekelwe amazolo kosomabhizinisi, abasiki bengqephu nasemphakathini waseMlaza namaphethelo njengoba ngale mpelasonto kunomcimbi okulindeleke ube yindumezulu, UMlazi Flea Market kuleli lokishi elilele isibili ngobukhulu eNingizimu Afrika jikelele.
Isolezwe lithole ukuthi UMlazi Flea Market ugqugquzelwa UMlazi Township Tourism ngokubambisana neRanyaka (Nedbank) neNtokozo FM, iqale ngoMeyi 6 ngedili lezemidlalo nemicimbi emncane yobumnandi.
Ngokwesitatimende esithunyelwe abezindaba ngabagqugquzeli, ifestiveli nedili lezemidlalo bekuyisindlalelo seFlea Market engalo Mgqibelo.
"Izithameli zizozitika ngemiqhudelwano emincane yebhola lezinyawo, umbukiso wengqephu ozobe udidiyele imiswenko yabasiki bengqephu bakuleli lokishi nemikhiqizo yosomabhizinisi abasacathula.
Kuzobe kukhona nemidlalo yendabuko enhlobonhlobo nendawo lapho kuzobe kungcebeleka khona omuntuza. Wonke umuntu simhlelele okuzomkitaza inhliziyo," kusho isitatimende.
Iphini likasihlalo weMlazi Tourism, uMnuz Percy Shezi, lithe ngale Flea Market, bahlose ukuthuthukisa umnotho, ukuvula inkundla yokuba wosomabhizinisi, babelane ngolwazi nokuqhakambisa amabhizinisi akhona eMlaza.
"Njalo ngeSonto lokugcina enyangeni sizokuba nemakethe yezinhlelo ezihlukahlukene. Sikhuthaza bonke abantu ukuba batheleke nama-gazebo bese bekhokha kuphela futhi uR400 ukuze bakhangise ngemikhiqizo yabo mahhala izinyanga ezintathu." UShezi uthe Umlazi Tourism uzonikezela ngetafula elilodwa, izihlalo ezimbili nendwangu.
"Simema abantu abahlukahlukene abasemandleni neminyango kahulumeni ukuba bazosiza umphakathi nosomabhizinisi.
Sibheke ikakhulukazi osomabhizinisi abazokhangisa ngokudla, inyama eyosiwe, amakhekhe, beauty spa, izincwadi, izimpahla zokuhlanza, umculo, oDJ, imincintiswano nokunye."
Uthe iFlea Market izobe iKwaMnyandu Light Industrial Hub kusukela ngo-10 ekuseni.
Abafuna ukubekisa indawo bangabhalela kuleli kheli: [email protected] noma bathinte unobhala weMlazi Township Tourism, uSabelo Ngema ku-078 505 6215.