KULINDELEKE ukuthi bavele maduzane eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu abasolwa abane abayamaniswa necala lokushisa abantu abangu-13 eTaylor’s Halt, eMgungundlovu maphakathi nenyanga edlule.
Lokhu kuza emva kokuthi bekhalelwe amasongo kaSigonyela ngoLwesibili lapho bebhadanywe khona amaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe: “Abasolwa, iminyaka yabo engakaqinisekiswa okwamanje bazovela enkantolo maduze.”
UNetshiunda uthe ukusebenza kwamaphoyisa ngokuzikhandla kuholele ekutheni kuboshwe abasolwa, wathi njengoba uphenyo lusaqhubeka maningi amathuba okuthi kube khona abanye ababoshwayo ngalesi sigameko.
Ebalula izinhlaka ezisekhaleni lethimba labaphenyi uNetshiunda uthe kukhona uphiko lwamacala okubulala abucayi anodlame kanye nokubamba inkunzi esifundazweni.
Ngesikhathi kwenzeka isigameko ngoMeyi 14, bayisishiyagalombili okwatholwa izidumbu zabo ngaphakathi endlini yomxhaso, omunye isidumbu sakhe satholwa esikhotheni, bude buduze nendawo yesigameko, kanti abane bagcina beshonela esibhedlela ngezikhathi ezahlukene.
Abafi bathelekelwa abantu abangaziwa, babayalela ukuba bakhumule izingubo ababezigqokile ngaphambi kokuba babathele ngophethroli, babalayitha.
Isolezwe lahambela le ndawo emva kwesigameko lafike lathola ukuthi abafi babebhema iwunga. Abaningi babekhala ngokuthi abafi babewuhlupho emphakathini ngobugebengu. Babuye baveza nokuthi indlu okwahlaselelwa kuyo abafi kwase kunezicelo eziningi ebuholini bomphakathi ukuthi icekelwe phansi ngoba iyisidleke sewunga.