INKANTOLO yeMantshi yaseBloemfontein ikuhlehlisele inamuhla ukulalelwa kwesicelo sebheyili sabahlanu abasolwa ngokubamba iqhaza ekweqeni kukaThabo Bester.
Laba ngoMnuz Senohe Matsoara, Teboho Lipholo, Motenyani Masukela, Tieho Makhotsa noNksz Nastassja Jansen. Baboshwa kulandela ukweqa kukaBester ejele laseMangaung, obesetanase ngaphandle izinyanga kucatshangwa ukuthi washa wangqongqa egunjini lakhe ngemuva kokuqubuka komlilo. Abamangalelwa abasebenza kuleli jele basolwa ngokusiza uBester ukweqa.
Uphenyo lwaveza ukuthi isidumbu esatholakala sishile egunjini likaBester kwakungesona esakhe. UBester nosolakala ukuthi uyintombi yakhe, uDkt Nandipha Magudumana, baboshwa ngamaphoyisa eTanzania.
Emva kokulalela izethulo zokugcina zabameli babo kanjalo nezoMbuso, imantshi ibe isilihlehlisela inamuhla icala ukuthi kuqhutshekwe nokulalelwa kwezethulo zokugcina.
Ithe lokhu kuzokwenzeka ngaphambi kokuthi ikhiphe isinqumo sayo sokuthi iyabanika yini ibheyili noma cha.
Ezethulweni zabameli babamangalelwa, baqinise kakhulu emaphuzwini okuthi sesiside kakhulu isikhathi asebesichithe ngaphakathi kwazise abanye babo baboshwe ngasekuqaleni kuka-Ephreli.
UMnuz Katlego Moruri, ongummeli kamsolwa wokuqala, uMnuz Senohe Matsaora, nomsolwa wesikhombisa, uMnuz Tieho Makhotsa, uveze ukuthi ayikho into engadala ukuthi laba bobabili bangezi ecaleni uma bekhishwa ngebheyili. Uphinde wathi angeke baze bathikameze ofakazi boMbuso njengoba bengazi nokwazi ukuthi bangobani.
Ubuye waveza nokuthi uMakhotsa uphansi phezulu ulungiselela ukuphuma kwemali yakhe yempesheni nokungaba nzima ukuthi akwenze uma engayinikwa ibheyili.
“Lokhu ngikusho ngoba kufanele alulungise lolu daba yena ngqo. Futhi uhamba udaba nomqashi eCCMA, nalapho kusho ukuthi kufanele abe khona siqu sakhe,” kusho uMoruri.
UMnuz Tshotlego Makamedi, ongummeli kaMnuz Tebogo Lipholo, uthe uhlala nonkosikazi wakhe nezingane, unanezinkomo azibhekayo.
Waveza ukuthi ngeke abaleke kwazise akanazo nezincwadi zokuvakashela kwamanye amazwe.
UMshushisi woMbuso, u-Advocate Sello Matlhoko, uthe usamile ekutheni bonke abasolwa abakufanele ukunikwa ibheyili.
Phakathi kwezizathu azibekile, uthe umphakathi waseNingizimu Afrika ubadinelwe ngeqhaza abalibamba kuleli cala elingundabuzekwayo.
“Ukudedelwa kwabo ngebheyili kuzobe kusho ukuthi umphakathi ngeke usazithemba ezobulungiswa zakuleli. Futhi kuzofanele kukhunjulwe ukuthi uBester weqa emva kokulekelelwa,” kusho uMatlhoko.
Enkantolo bekukhona nomndeni kaKatlego Bereng okugcine kuvela ukuthi yisidumbu sakhe lesi esashiswa esitokisini okwakuboshwe kuso uBester ukuze kubukeke sengathi ushonile kanti badida umkhondo.
Ngaphambi kokuba kungene inkantolo, abathandiweyo bakaBereng babambe umbhikisho onokuthula ngaphandle kwenkantolo, beveza ilaka labo kulolu daba.
UDkt Magudumana yena akasifakanga isicelo sebheyili, kunalokho ufake amaphepha asheshayo eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein lapho ephosa khona inselelo ngokuboshwa kwakhe.
Isicelo sakhe kuvele ukuthi sizolalelwa ngoLwesihlanu.