“INHLOSO yethu wukuqhakambisa imikhakha yobuciko emqoka kodwa enganakiwe okuwumculo wesicathamiya nezinkondlo, esikholwa wukuthi umyalezo otholakayo kuyona ubaluleke kakhulu emphakathini.”
Usho kanje uMnuz Mthobisi Biyela, waseMayville, eThekwini, echaza ngomcimbi wobuciko awuhlelayo Izinjula Poetry & Isicathamiya Festival, osubuya okwesithathu kulo nyaka. Owalo nyaka ungoNovemba 26, eMkhumbane Hall, eCato Manor, ngo-10 ekuseni.
UMnuz Biyela (23) wenkampani yezobuciko Abaqeqebuli ehlela lo mcimbi, uthe akwehli kahle kubona ukunganakwa kwemikhakha yezobuciko ayithatha njengebamba iqhaza elikhulu ukubuyisa ithemba kubantu.
“Kuyasikhathaza ukuthi amaciko amaningi ahaya izinkondlo, acula isicathamiya, nashaya ingoma awalitholi ithuba elanele lokukhombisa ngomsebenzi wawo, kangangokuthi abesicathamiya sekwaba yinto ejwayelekile ukuthi banikwe ithuba emicimbini yasebusuku kuphela.
“Okunye okuyinkinga wukuthi amaciko ethu aze ahlonishwe kwamanye amazwe, thina singakawenzeli lutho ekhaya njengoba sibona kwenzeka ngeLadysmith Black Mambazo. Sifuna ukuqeda konke lokho ngalo mcimbi esiqale ukuwenza ngo-2019,” kuchaza uBiyela.
Eqhuba, uveze ukuthi kulo nyaka beza nokunye okuhlukile njengoba bengeze nomkhakha wabamodelayo, nabo abazothola ithuba lokuzibonakalisa - bencintisana ngosuku lomcimbi.
“Lokho sikwenza ngoba sihlonipha indima eklanywa wumkhakha wokumodela ekukhuliseni abantu besifazane ngendlela efanele,” usho kanje.
Emcimbini kuzonandisa iRoyal Messengers, Umkhumbane, HloniphaniArt, Luyanda EM, umlingisi uVelile Makhoba noLungisani Mavundla wodumo lwencwadi Unyaka Wesithembiso. Amathikithi ayotholakala ngoR70, R100 noR200 ngosuku lomcimbi.