KHETHA SANGWENI
ILUNGU lomndeni womunye wabamangalelwa ecaleni lokubulawa kukanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, selikhiphe isimemezelo ngemashi yezikhalo ngokuqulwa kwecala. Isolezwe ngeMpelasonto linaso isimemezelo semashi esihambisana neculo lomzabalazo elithi Wathinta Thina eladuma emdlaweni iSarafina.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo 2014. Kumanje kushushiswa oMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya ummangalelwa wokuqala, Bongani Ntanzi owesibili, Mthobisi Mncube owesithathu, Mthokoziseni Maphisa owesine noFisokuhle Ntuli ongowesihlanu.
Bonke bayawaphika onke amacala abethweswe wona bathi bayasukelwa akukho okubahlanganisa nokufa kukaMeyiwa. UMbuso usaqhubeka nokwethula ubufakazi besibhamu, amaselula nokunye kanti kukhona nofakazi othi wayekade ehleli nabo abamangalelwa ngobusuku besigameko baphuma bayogila lo mkhuba.
UNksz Sinqobile Maphisa, udawewabo kaMaphisa ongummangalelwa wesine, uthe imashi izohlukana kabili enye iseGauteng enye iKwaZulu- Natal. UNksz Maphisa wuyena okhulumela imindeni futhi ubefaka kakhulu imali ekhokhela izindleko zecala zabamangalelwa kwaze kwaba kuguga iphakethe kuyena.
Kumanje abameli babamangalelwa bakhokhelwa ngohlelo loxhaso lukahulumeni. UNksz Maphisa uthe inhloso wukuzwakalisa ukungenami kwabo ngecala lokufa kukaMeyiwa.
“ Sihlele imashi ngoba ezweni lethu imashi yilona ulimi abaluzwa kangcono. Kuyacaca ukuthi leli cala eliqhubekayo aliyi ndawo kuhamba kuthathwa noma wubani azofakaza. Sisamile ekutheni ababoshiwe abahlangene necala futhi nabo bami lapho,’’ kusho uNksz Maphisa.
Uthe bafisa ukuthi kusetshenzwe ngedokodo lesibili lifakwe enkantolo kuquliswe abantu abaqukethwe kulona. Uthe imashi izobheka eNkantolo eNkulu ePitoli lapho kuqulwa khona icala kanti enye izobheka eCity Hall eThekwini. Isimemezelo sikhomba ukuthi imashi izoba ngoLwesihlanu kuleli sonto elizoqala.
Kwenzeka konke lokhu nje kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo ngoMsombuluko wesonto elizoqala lapho kuzoqhubeka ukuqulwa kwalo. Phambilini laguqa ngoba abameli bacela ithuba lokuyocubungula izithombe okuthiwa zazitholwa kwiselula yomunye wabamangalelwa.