IZELAMANI zakwaNdimande ezithinteka ekubulaweni komrepha, uKiernan ‘AKA’ Forbes, nomngani wakhe, uTebello ‘Tibz’ Motsoane, kulindeleke ukuba zibuyiselwe eNingizimu Afrika kungekudala.
Lokhu kwenzeke emuva kokwenqaba amahlandla amaningi kwalezi zelamani, oMnuz Malusi noSiyabonga, ukubuyiselwa kuleli, besuswa eSwatini. INkantolo yeMantshi yaKwaManzini, eSwatini, ngoLwesihlanu isamukele isicelo sokubuyisela laba basolwa kuleli. Okwamanje akukacaci ukuthi bazobuya nini.
USiyabonga noMalusi bazojoyina oMnuz Thabani Mkhwanazi, uLindani Ndimande, uSiyanda Myeza, uMziwethemba Gwabeni noLindokuhle Ndimande uma sebebuyela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. Laba basolwa bayathinteka nasekubulaweni kukaMntimande Kunene, uNhlanhla Ngcobo noZamokuhle Mkhwanazi, okuyizigameko ezenzeka eManzimtoti naseBerea, eThekwini.
Khonamanjalo, laba abanye abasolwa basagqunywe esitokisini saseNingizimu Afrika emuva kokunqatshelwa ibheyili.
U-AKA noTibz badutshulwa babulawa bephuma eWish Restaurant kuFlorida Road, eThekwini.